16 | Ezemidlalo

Friday, 11 July 2025

Izophuma eThekwini ingqwele yeTelkom Netball League

Imidlalo yalo mqhudelwano izogijinyelwa e-ICC kusuka ngoMsombuluko kuze kube yiSonto

Image

KULINDELEKE ishube imidlalo yeTelkom Netball League eThekwini.

Mzwamandla Zondi

LIGCINE lifezekile iphupho likaNgqongqoshe wezeMidlalo waKwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula lokubona eminye yemidlalo yeTelkom Netball League (TNL) igijinywa kulesi sifundazwe.

UKhawula waveza lesi sifiso ngesikhathi kunePremier's Netball Cup ngasekuqaleni konyaka eMlazi. Le midlalo (TNL) edlalwa yizo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika, iqale eGoli ngo-April njengoba seyilethwa eThekwini.

Izoqala ngoMsombuluko kuze kube yiSonto e-ICC, kanti yikhona eThekwini lapho okuzokhishwa khona ingqwele.
IKwaZulu-Natal imelwe ngamakilabhu amabili okuyiKingdom Stars neKingdom Queens. Womabili la makilabhu adlala kwiDivision B.

KwiDivision A kuhleli phezulu iFireballs yaseGauteng ngamaphuzu awu-18 emidlalweni ewu-9, ilandelwa yiCrinums yaseFree States ngamaphuzu awu-14.

KwiDivision B kuhleli phezulu iTornados ngamaphuzu awu-20 emidlalweni ewu-12 ilandelwa yiTshukudu ngawu-19 emidlalweni efanayo, bese kuthi iStars ikunombolo 4 ngamaphuzu awu-17, emhlane wayo kulele iQueens ngawu-13.

Image

NGUBONGIWE Msomi - owayengukaputeni weqembu lesizwe, ozwakalise injabulo ngokuthi le mdlalo izogijinyelwa eThekwini.

UBongiwe Msomi obengukaputeni weqembu lesizwe, iSpar Proteas, uthe ujabule ukuthi le midlalo izogijinywa eThekwini kuleli sonto elisombulukayo.

Uthe akangabazi ukuthi iqembu ayisekela lomqeqeshi walo, iFireballs, lizosidla isicoco salo mqhudelwano.

"IFireballs izokuba yizingqwele zeTNL, lokho ngikusho ngokungananazi. Isidlale imidlalo ewu-9 kayikaze yehlulwe, futhi kangiboni kukhona ikilabhu engase isiphazamise," esho.

Uqhube wathi usemkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe ngamakilabhu aKwaZulu-Natal; okuyi Stars neQueens.

Uthe wona ayadlala impela, kodwa akazi ukuthi inkinga ikuphi. Uthe unethemba lokuthi (la makilabhu) azowuthola umgqigqo wabo maduze.

0