16 | Ezemidlalo
Friday, 08 August 2025
NGUMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
WENZA isethembiso konondweba baseNingizimu Afrika umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi okubhekwe lukhulu kuyena ngale sizini ka-2025/26.
IChiefs izobhekana neStellenbosch FC koweBetway Premiership ngeSonto ngo-17h30 e-Athlone Stadium, eKapa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNabi uzakhele udumo olungeluhle ngesizini edlule njengoba ebehlale ehilizisana nonondweba, ekhala ngezinqumo zabo.
Lo mqeqeshi uthembise onondweba ukuthi uzozama ukuziqoqa kule sizini ezoqala.
"Ngifisa ukufisela onondweba isizini entsha enhle, bese ngenza isethembiso kubona sokuthi kulokhu ngizozama ukuziphatha kahle kunangesizini edlule," esho.
NGUNONDWEBA u-Olani Kwinda egixabeza uPule Mmodi weChiefs ngekhadi elibomvu ngesizini edlule.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mayelana nesicoco seligi esagcina ukunqotshwa yiChiefs ngesizini ka-2014/15 - isaphekwa nguStuart Baxter - uNabi uthe:
"Sizobhekana nomdlalo ngamunye, ngeke sizifakele ingcindezi.
"Kodwa noma kanjani, sizokuba ngcono kunangesizini edlule, lokho ngiyakuqinisekisa. Le sizini izokuba nzima kodwa siyazi ukuthi yikuphi lapho esibheke khona, futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyafinyelela khona."
IChiefs izokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaPule Mmodi odonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithole ngesizini edlule.
IziMpofana zizobhekana neStellies ehambela phezulu njengoba ngeledlule idlulele kumaSemi final eMTN8 iguqisa AmaZulu FC ngo-3-2 eDHL Stadium.
IStellies izodlala neSekhukhune United kwi-semi final ezokuba ngelizayo.
Isiyonke imidlalo yokuvula iBetway Premiership ngale mpelasonto iqhathwe kanje:-
NGOMGQIBELO
EPrincess Magogo Stadium: AmaZulu FC vs Orbit College 15h00.
ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Mamelodi Sundowns 15h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Magesi 15h00.
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Marumo Gallants 15h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Sekhukhune United 17h30.
EDr Molemela Stadium: Siwelele vs Golden Arrows 20h00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Durban City 15h00.
E-Athlone Stadium: Stellenbosch vs Kaizer Chiefs 17h30.