Ezemidlalo | 22
Friday, 02 May 2025
UNASREDDINE Nabi ongumqeqeshi weChiefs ebhunga nebhentshi lakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UKHATHAZWA wuhlobo lwebhola eselidlalwa ngezakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs ezobhekana ne-Orlando Pirates uNasreddine Nabi koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.
Nokho uthi ubona le kilabhu isasemugqeni wokubuyisa izinsuku zenjabulo.
IChiefs izobhekana nePirates nje, ibhinjelwa yizinto njengoba iphikwa yimiphumela emihle.
Ngeledlule yehlulwe yiMarumo Gallants ngo-2-1 khona eFNB Stadium, kanti ibisuka ekudlaleni ngokulingana neChippa United kuba ngu-0-0.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UNabi uthi luyamukhathaza uhlobo lwebhola eselidlalwa ngezakhe.
"Ngebhadi isimo sethu sakamuva sibi, asikwazi ukubeka izaba ngalokho. Kodwa okuyikhona okungikhathazayo, akuyona imiphumela engemihle esiyitholayo, wukuthi kwandlela yethu yokudlala eyisiko lethu, isisibalekele.
"Yize kunjalo, kodwa ngikholwa wukuthi sisasemugqeni. Isimo sijajwa ngemiphumela, okuyinto ongeke uyifake emakhanda abalandeli ngoba bona bafuna imiphumela emihle nje kuphela,'' kusho uNabi.