18 | Ezemidlalo
Friday, 29 August 2025
NGU-RELEBOHILE Mofokeng.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBAMBE umoya umqeqeshi we-Orlando Pirates ngesilomo somdlali wakhe, uRelebohile Mofokeng (20), okuvela ukuthi sinokuthinteka.
IBucs izobhekana neChippa United koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h00 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
U-Abdeslam Ouaddou ololonga iBucs, uthi umincile ngoMofokeng odlala esiswini kule kilabhu.
UMofokeng ubengekho iBucs ihlula i-Orbit College ngo-1-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
"URele unokulimala, odokotela bekilabhu bake bangazisa, kodwa banganginika umbiko ogcwele. Ngethemba ukuthi kakuyona into ebucayi ngoba siyamdinga," kusho u-Ouaddou.
IBucs izodlala neChippa ephefumula ngenxeba njengoba ibambe ibhuleki kwi-log yeBetway Premiership.
Isadlale ngokulingana kanye, yehlulwa emidlalweni emithathu kwemine esayigijimile kule sizini.
UGCINE ekhishwe ngohlaka unozinti weChippa, uStanley Nwabali olimale ngesikhathi le kilabhu iguqiswa yiRichards Bay FC ngo-1-0 koweligi ngoLwesibili.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMorgan Mammila obambe izintambo zokuqeqesha kwiChippa - epheka ithulula kubaqeqeshi - uthi eZimnyama zizofika bezihlomele nxa zonke.
Uthi bazolwela ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo njengoba bezokube begijimela enkundleni yabo.
IChippa ingase igijime lo mdlalo ngaphandle kwesethenjwa sikanozinti wayo olimele, uStanley Nwabali.
Lo nozinti akawuqedanga umdlalo abahlulwe kuwona yiRichards Bay FC ngo-1-0 ngoLwesibili ebusuku KwaMashu ngenxa yakho belu ukulimala.