18 | Ezemidlalo
Friday, 03 October 2025
NGURELEBOHILE Mofokeng (ophambili) enozakwabo kwiPirates nakwiBafana Bafana, uSipho Mbule noThalente Mbatha.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uhlela ukuqinisa ukhakhayi uRelebohile Mofokeng (20) oyisiphekepheke se-Orlando Pirates, ambizele eqenjini laseNingizimu Afrika elizogijima imidlalo emibili ebucayi yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngonyaka ozayo eCanada, eMexico nase-United States of America (USA).
IBafana iqhathwe neZimbabwe ezodlala nayo ngoLwesihlanu lomhla ka-10 wale nyanga eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ivale isigaba samaqoqo ngokugadulisana neRwanda ngoLwesibili lomhla ka-14 kwephezulu eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Yomibili le midlalo yokusonga uGroup C izoqala ngesikhathi esifanayo, u-18h00.
UBroos uthi yize emqokele kulesi sikwati uMofokeng, kodwa ukuqonda kahle ukuthi akekho esimeni esikahle ngokomqondo, okwenza ukuthi nefomu yakhe yehle kancane uma eyiqhathanisa neyangesizini edlule.
Uthi ukholwa wukuthi lokhu kudalwa yimibiko evele ngasekuqaleni kwale sizini, ebiyamanisa lo mdlali namakilabhu agijima emaligini amakhulu ase-Europe, obekuthiwa ayamfuna.
Nokho ugcine engahambanga yize uMohau Nkota (20), ofike emuva kwakhe esikimini esikhulu sePirates, ededeliwe ukujoyina i-Al-Ettifaq yaseSaudi Arabia asegijima kuyona, okukholakala ukuthi kumthene amandla uMofokeng.
NGUSIYABONGA Ngezana ozokube engekho iBafana ibhekene neZimbabwe ngenhloso yokumonga kwazise unekhadi eliphuzi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UBroos uthi uzokhuluma nalo mdlali ngalesi simo abhekene naso, ukumqinisa ukhakhayi ukuze akwazi ukumelana naso.
Uthi kumqoka ukuthakeka kwesikwati sakhe ngabadlali abaningi abasebancane ngoba yibona abayikusasa leBafana.
Lo mqeqeshi ubuye wacacisa ngokushiya ngaphandle esikwatini sakhe uSiyabonga Ngezana athe unekhadi eliphuzi.
Uthi kabasafuni ukuthatha amashansi ngabadlali abanamakhadi njengoba besanda kwephucwa yiFifa amaphuzu amathathu abawathola behlula iLesotho ngo-2-0 emdlalweni owawungoMarch, ngenxa yokuthi basebenzisa kuwona uTeboho Mokoena ekubeni wayenamakhadi amabili aphuzi, ayephoqa ukuba eqiwe wumdlalo.
Lokhu kwenze ukuba iBafana ishoveleke endaweni yesibili kwi-log osekuhleli kuyona iBenin.
Nokho lo mqeqeshi uthe akafuni ukukhuluma ngalolu daba ngoba kalungeni ngaphansi kwakhe, kanjalo nabadlali bakhe ngeke abavumele bakhulume ngalo.
ISafa ithi iyalwedlulisa lolu daba kwiFifa Appeals Committee.
Limi kanje iqembu leBafana elizobhekana neZimbabwe neRwanda ngokwehlukana:-