17 | Ezemidlalo
Friday, 18 July 2025
NGUMQEQESHI weChelsea, u-Enzo Maresca (ophethe indebe yeFifa Club World Cup) ejabula nabadlali bakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IZIKHULU zeChelsea yase-England - esanda kuchonywa uphaphe lwegwalagwala ngokunqoba iFifa Club World Cup phezu kokuba kade ingathenjwa - zithembise ukuqhubeka nokweseka u-Enzo Maresca ongumqeqeshi wale kilabhu.
IChelsea ibukise ngeParis Saint Germain (PSG) yaseFrance iyinenebula ngo-3-0 kowamanqamu obungeSonto eMelika.
"Ngeke nangengozi simfakele ingcindezi yokuthola ezinye izicoco umqeqeshi. Sijabule ngalokhu asiphe khona, ngakho ngeke silokhu simfakela ingcindezi yokuba anqobe ezinye izinkomishi.
"Sizoqhubeka nokumeseka kukhona konke akwenzayo, ngenhloso yokubeka ikilabhu endaweni ehloniphekile.
"Kuyiqiniso ukuthi sonke siyafuna ukubona ikilabhu ibalwa naphambili emhlabeni, kodwa lokho kakuyona into ongayenza ngesikhashana, ngakho kumele siqale kancane kancane ngaphambi kokuba sifune okungaphezulu," kusho isitatimende esikhishwe yile kilabhu.
NGU-MARESCA ephethe indebe ye-UEFA Europa Conference League, ezakhe eziyinqobe zihlula iReal Betis yaseSpain ngo-4-1.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Sekuwumlando ukuthi iBlues ibuyisele iPSG kwamhlaba njengoba ngaphambi kokuba la makilabhu ahlangane, (iPSG) ibisibhudluze amakilabhu ahlukene, kubalwa neReal Madrid eyigaxe u-4-0 kwi-semi final.
Lo mqhudelwano ube nelikhulu isasasa kwazise amakilabhu amaningi akhombise ukuthi ibhola liyadlondlobala emhlabeni.
Lokhu kuboniswe nayiMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika, eshiye abantu bengawuvali umlomo ngebhola elidlalile, yize ibuye ekuseni.
Ngaphandle kweDowns, okunye okuqaphelekile wukudlala kahle kwamakilabhu aseBrazil.