09 | Izindaba
Friday, 18 July 2025
NGUMCULI kamaksandi, uLimit.
Mthobisi Sithole
UTUSE ukuhlonipheka komsebenzi wamaciko kwezinye izifundazwe umculi kamaskandi ongenisile kulezi zinsuku ngomculo wakhe, uSphesihle "Limit" Nala waseNtolwane, eNkandla.
ULimit uthe uqaphele umehluko e-Eastern Cape, wabona ukuthi uyahlonishwa umsebenzi wamaciko.
Uthe futhi akhokhelwa kahle uma eqashwe ukunandisa kulesiya sifundazwe.
Uveze ukuthi usejwayele ukuyonandisa eMthatha, East London, eCape Town, kanti kuzona zonke lezi zindawo, uthi kukhokhwa kahle kakhulu.
"Uma bekuqasha, bakunika le mali oyibizile ngokomsebenzi wakho njengeciko. Uma kwenzekile bakhala, kuba yisephulelo esincane kakhulu," kusho uLimit.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngesikhathi eqala umculo ngo-2020, wayenezifiso ezinkulu ngawo, kodwa wayengakaze acabange ukuthi ungamfaka ezindaweni zobumnandi, ezaziwa ngama-club.
Uthe nokucula kwakhe kulezi zindawo ezihlanganisa uhlobo lwabantu abathanda umculo ohlukene, kuvule ukukhanya kakhulu kuyena. Uqhube ngokuthi ukumenywa nje endaweni eyodwa yobumnandi, kwenze nabanye abanikazi bezindawo zobumnandi babe nentshisekelo yokukumema.
"Abantu bezindawo zobumnandi bayazana, uma ubizwe ngoyedwa endaweni yakhe, nabanye bayakubiza. Esengikuqaphelile wukuthi nokwesekwa komculi kuyakhula kakhulu, bakunake abantu abebekade bengakunakile.
"Abantu abahambela lezi zindawo zobumnandi, balemukela kamnandi iciko, akufani nemicimbi emikhulu yomasikandi ngoba kuyona abathandi bethu banepolitiki yakhona," esho.
Uthe nakuba abantu bekhombisa ukuthakasela umsebenzi wakhe womculo, kodwa akathandi ukungenela imincintiswano yomculo. Ukhale ngokuthi ukuncintisana kwamaciko kuyakhulumisa.
"Mina kangiyena umuntu othanda ukukhuluma, ngihlale ngikusho lokho," kusho uLimit.
Lo mculi ungenise ngezingoma okubalwa kuzona ethi "KuLate" nethi "Fuseg".
Ngo-April nonyaka, uhlabane ngeToyota Quantum emncintiswaneni weMother of ALL, obusePeoples Park, eThekwini, eguqisa abaculi abaningi.
mthobisis@ilanganews.co.za