06 | Izindaba

Friday, 08 August 2025

Umlaleli phambili koqokwe ukuphatha izinhlelo oKhozini

Uthi uzimisele ngokufunda kulabo abafice kulo msakazo
Image

NGULANGALETHU Cele ongumphathi wezinhlelo kuKhozi FM.

Lucky Cain

UTHEMBISA ukubeka umlaleli woKhozi FM eqhulwini umphathi wezinhlelo osanda kumenyezelwa kulo msakazo omkhulukazi eNingizimu Afrika, uMnu Langalethu Cele.

UCele umenyezelwe ngeledlule kulo msakazo, kanti uqale ukusebenza ngomhla ka-1 kwephezulu. Lesi sikhundla esimqoka sisale sivulekile emuva kokwesula isigubhukane kukaPearl Maseko Binqose ngasekupheleni konyaka owedlule.

 Kusukela ngaleso sikhathi, besibanjwe yinkakha yezokusakaza uMandla Mdletshe. UCele odabuka eMtshezi, kodwa wakhulela eMlazi naseManzimtoti, uzwakalise ukuthobeka ngokuba yingxenye yalo msakazo ogabe ngabalaleli abaningi kuleli.

Uveze ukuthi okumqoka kakhulu kuyena, ngumlaleli, okunguyena azomthatha njengomphathi wakhe.

Uthe usazozinika isikhathi sokuqonda kahle uKhozi FM, njengoba eqala ukusebenza emsakazweni womphakathi (public broadcaster), kwazise uqale kulo mkhakha emisakazweni ezimele; okubalwa kuyo iMr Price Radio - okuwumsakazo wezitolo zakwaMr Price. Udlulele kwiGagasi FM ngaphambi kokuba ajoyine i-East Coast Radio, ayichaze njengomsakazo afunde lukhulu kuwona.

Kwi-East Coast uthe ubeyi-production manager, ulwazi lwakhe lwezomsakazo lukhule khona. Uveze ukuthi kulo msakazo ukwazile ukuncela kogwansile - wacobeleleka ngolwazi - futhi wathola nethuba lokwazana nabantu bamazinga ahlukene, abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene zomhlaba.

Image

Uqhube ngokuthi ukuba kulesi sikhundla (asinikwe oKhozini), akusho ukuthi ukwazi konke, kodwa uzimisele ngokufunda kulabo abafice bekhona, ngaphandle kokubheka izikhundla zabo.

Lokhu uthe ukwenza ngoba uzimisele ngokuthi nakulona uKhozi, akhule kulo mkhakha.

Ukubeke kwacaca ukuthi nakuba ejabulile ngokuthola lo msebenzi, kodwa wethukile kwazise uKhozi akuwona umsakazo omncane, futhi uthinta ngqo impilo yabantu.

Uthe akajahile ukuqhamuka nezinguquko, kodwa usazozinika isikhathi ukuze aqonde kahle ngokumele kwenzeke ukuqhubeka nokunyusa izibalo zabalaleli, nokuyisa lo msakazo phambilini.

Umphathi woKhozi FM, uMnu Lwazi Mthabela, umhalaliselile uCele ngokuqokwa kulesi sikhundla, wamchaza njengowenze kahle kakhulu ngesikhathi kwenziwa inhlolokhono.

0