20 | Ezemidlalo

Friday, 29 August 2025

Ushiywe ngaphandle uKhuliso Mudau kwiBafana

Izodlala neLesotho ngoLwesihlanu naneNigeria ngomhla ka-9, kuhlungelwa indebe yomhlaba
Image

NGUKHULISO Mudau.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

USALE ngaphandle esikwatini seBafana Bafana sabadlali abawu-23 uKhuliso Mudau oyisitobha seMamelodi Sundowns obesesitelekeni njengoba kuthiwa ubefuna ukuyishiya le kilabhu.

UHugo Broos ololonga iBafana, umemezele iqembu elizobhekana nemidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho kanye neNigeria ngenyanga ezayo.

IBafana izoqala ngokubhekana neLesotho kokaGroup C ngoLwesihlanu lomhla ka-5 kuSeptember ngo-18h00 eFree State Stadium.

Izobe isilandela ngeNigeria ngoLwesibili lomhla ka-9 ngo-18h00, kuyo le nkundla yaseFree State.

Image

NGUTHALENTE Mbatha noKamogelo "Kasongo" Sebelebele bePirates abaseqenjini leBafana Bafana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBroos umshiye ngaphandle uMudau abemubizile eqenjini lakhe lokuqala. Bekuxaka vele ukuthi umufake kanjani kwazise ubengakaze adlale ngale sizini, njengoba kuthiwa ufuna ukuhamba kwiDowns.

Ubuyelile ejimini ekuqaleni kwaleli sonto. Indawo yakhe kwiBafana ivalwe nguzakwabo, uZuko Mdunyelwa, okunguyena futhi ovale indawo yakhe kwiDowns.

UBroos uthi ugculisekile ngeqembu aliqokile, futhi unethemba lokuthi lizokwenza kahle.
IBafana kulindeleke ukuba iqale ikhempu ngoMsombuluko.

Iqembu leBafana selilonke limi kanje; onozinti: URonwen Williams (Mamelodi Sundowns), uSipho Chaine (Orlando Pirates) noRicardo Goss (Siwelele).
Abasemuva: UNyiko Mobbie (Siwelele), uZuko Mdunyelwa (Mamelodi Sundowns), uMbekezeli Mbokazi (Orlando Pirates), uKhulumani Ndamane (TS Galaxy), u-Aubrey Modiba (Mamelodi Sundowns), u-Ime Okon (Hannover 96), uSamukele Kabini (Molde FK) noSiyabonga Ngezana (FCSB).
Abasesiswini: UTeboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), uBathusi Aubaas (Mamelodi Sundowns), uThalente Mbatha (Orlando Pirates) noLuke Le Roux (Portsmouth).
Abaphambili: UKamogelo Sebelebele (Orlando Pirates), u-Oswin Appollis (Orlando Pirates), uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates), u-Iqraam Rayners (Mamelodi Sundowns), uMduduzi Shabalala (Kaizer Chiefs), uMohau Nkota (Al-Ettifaq) noRelebohile Mofokeng (Orlando Pirates).

0