05 | Izindaba

Friday, 05 December 2025

Image

Luselude ukhalo kolokugwetshwa kwesikhulu samaphoyisa 'esamukela intshontsho'


Kuthiwa samukela u-R120 000 ukuphazamisa ubufakazi ecaleni lokubulala

Thandoluhle Ngubo

KUBUKEKA luselude ukhalo mayelana nokugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa esiteshini iBhekithemba, eMlazi, uKhephu Ndlovu (osesithombeni), nabanye aboshwe nabo, njengoba ukuphuma kwesigwebo sekuphazamiseke izikhawu ezibalelwa ku-4.

Lokhu kugqame ngoLwesine, eNkantolo yesiFunda ePinetown, lapho obekulindeleke khona ukuba kuphume isigwebo salaba abawu-5 - okunguBonginkosi Dlamini - owayengukapteni wamaphoyisa - uSibongile Ndlovu, uFelokwakhe Ndlovu, uKhephu noLindokuhle Mbonambi, oyindodana kaFelokwakhe - kodwa kwangenzeka.

UKhephu usolwa ngokwemukela intshontsho lika-R120 000 kuSibongile ukuze yena noDlamini baphazamise ubufakazi ecaleni lokubulala elalibhekene noFelokwakhe.

Kuthiwa ngemuva kokukhokhwa kwale mali - okuthiwa yemukelwa nguKhephu esiteshini samaphoyisa iDurban Central - kwaqala lolu hlelo njengoba kuthiwa uDlamini wayalela ufakazi oqanda ikhanda ukuba ahoxise isitatimende asenza emaphoyiseni, futhi ahoxe ekubeni ngufakazi.

Kuthiwa uKhephu wasebenzisa isikhundla sakhe, ukuyalela amaphoyisa ayelekelela uDlamini ukuba ahoxe kuleli cala.

NgoLwesine enkantolo, uAdv Andrew Matlamela obemele uKhephu, utshele inkantolo ukuthi yena nekilayenti lakhe bafike esivumelwaneni sokwehlukana, watshela inkantolo ukuthi (uKhephu) usezomelwa
ngu-Adv John Paul Broster, omele uDlamini.

Image

Ngemuva kwalokho, iMantshi uMuntukayise Khumalo, inike uDlamini ithuba, wagibela ebhokisini lofakazi, wachaza kabanzi ngenhlalo yakhe yaseJele laseWestville.

Utshele inkantolo ukuthi inhlalo yakhe kayiyinhle, njengoba indawo agcinwe kuyo inezinkinga eziningi.

"Kule minyaka ewu-5 nezinyanga eziwu-9 esengizihlale ejele, kangikaze ngibe nogesi la engigcinwe khona.

"Phezu kwalokho, ngingumuntu onesifo sikashukela, ejele kubanzima ukuthola amaphilisi, kanti nokudla kuyinkinga njengoba sibuye singanikwa.

"Njengomuntu obeyiphoyisa, ngike ngahletshelwa ngozungu lokungibulala, olwaluhlelwa yizigilamkhuba engazibopha phambilini," kusho uDlamini.

Umshushisi, u-Adv Lawrence Gcaba, uthe okushiwo nguDlamini kakuyisizi ngalutho inkantolo.

Ugcizelele ukuthi uma sekuphume isigwebo, uDlamini uzothuthelwa lapho kugcinwa khona abagwetshiwe, ngeke abe nenkinga kagesi.

Imantshi ibe isiliguqisela inamuhla ngoLwesihlanu icala. Kuzokhumbuleka ukuthi uKhephu nalaba abawu-4 aboshwe nabo, balahlwa yicala lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nenkohlakalo, ngomhla ka-03 kuMarch nonyaka.

Isigwebo sasibekelwe umhla ka-30 kuwo uMarch, kodwa kwangenzeka njengoba abameli babamangalelwa, uBroster noMatlamela, bacela imantshi ukuba icacise ngezibonelo zamacala eyayizisebenzisile ngesikhathi ikhipha isinqumo, ngoba zazingatholakali kwizigcinimlando zomthetho.

Icala laguqela umhla ka-3 kuJuly, imantshi yathembisa ukuchaza kabanzi ngalezi zibonelo, bese ikhipha isigwebo.

Ngololo suku, imantshi kayikwenzanga lokho, kodwa yama kweyokukhipha isigwebo, okwaholela ekutheni uBroster noMatlamela bafake isicelo sokuba ihoxe kuleli cala.

Lesi sicelo salalelwa ngoSeptember, sachithwa wuKhumalo, owacacisa ukuthi okusele kuleli cala wukuthi akhiphe isigwebo.

0