18 | Ezemidlalo
Friday, 16 January 2026
Senzo Sokhela
ISEZINHLELWENI zokubolekisa ngomdlali wayo osemncane i-Orlando Pirates, odonsa kanzima ukuthola isikimu. Leli phephandaba lithole ukuthi iBucs isezinhlelweni zokwebolekisa ngoSimphiwe Selepe (20) odlala esiswini.
USelepe ukhulele esikhungweni seBucs esithuthukisa amakhono, kwathi ngesizini eyedlule wenyuselwa esikimini esikhulu.
Kuphele isizini eselithola ithuba lokudlala.
Nokho kule sizini udonsa kanzima njengoba engenzi ngisho iqembu labangu-20 eliya emidlalweni.
NGUSIMPHIWE Selepe ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neMozambique emdlalweni wesihle nyakenye.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Umthombo waleli phephandaba uthe: "IBucs ihlela ukubolekisa ngalo mdlali ukuze aye lapho ezothola khona ithuba lokudlala. Ayifuni ukumudedela unomphelo ngoba iyamubona ukuthi unekusasa eliqhakazile.
"Ukufika kuka-Andre de Jong noDaniel Msendami kwenze isimo sakhe sanzima kakhulu.
Akhona amakilabhu exoxa nawo ukuze amuthathe, kanti ehamba phambili nje yi-Orbit College enobudlelwano obuhle nePirates. Konke kuzocaca ngokuhamba kwesikathi ngoba iwindi lokudayiselana ngabadlali alikavalwa.''
Imizamo yokuthola usihlalo weBucs u-Irvin Khoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.