03 | Izindaba
Friday, 08 August 2025
NGUNTETHELELO Skhakhane odume ngelikaGandaganda.
Phumlani Gama
UBENGALINDELE ukuthi ingoma yakhe ingashisa izikhotha, igcine isithokozelwa ngabantu bemikhakha eyehlukene umculi kamaskandi, uNtethelelo Skhakhane (24), odume ngelikaGandaganda.
Ngonyaka odlule, le ntokazi yaseThelezini, eNquthu, ikhiphe ingoma ethi "Halala, ngibongiseni", ekhombise ukuthakaselwa ezindaweni ezahlukene.
Okugqamile ngale ngoma kulo nyaka, wukuthi izifundiswa eziningi ezikhungweni zemfundo, bezemukela ngayo imiyezane yazo.
Kusuke kungaphelele uma ingadlalwanga le ngoma emicimbini yeNgonyama uMakhosetive 'Mswati III' Dlamini, engumholi waseSwazini, kanti emicimbini eminingi yomembeso nemishado, kakwenzeki ingadlalwa.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uGandaganda, uthe ubengalindele ukuthi ingoma yakhe ingahamba ibanga elide kangaka.
Uqhube ngokuthi yize ebhekene nesomiso sokungaqashwa emicimbini njengabanye abaculi, kodwa ingoma yakhe yenza umehluko omkhulu uma iqhathaniswa nezabanye abaculi.
"Le ngoma bengiyicula uma sihlangene nezinye izintombi, njengoba nami ngingomunye osazigcinile. Kuthe maphakathi nonyaka, nganquma ukuyifaka izigingci, okuyilapho iqale khona ukuphumela emphakathini.
"Ngiqale ukuqaphela ngasekupheleni konyaka ukuthi le ngoma iyazingenela ebantwini. Kangiyena-ke nomuntu onamawala, ngoba bekuyaye kuthi noma bengitshela abantu, kube wukuthi mina ngibuka abantu abazikhulumelayo nje, nginganaki lokho abakushoyo.
"Kumanje ingoma yami isibukwe ngabantu abangaphezulu kuka-9.8 million (ezinkundleni zokuxhumana). Kuyobe kakuphelele uma ngingabongi kudadewethu uNdoni Ndunakazi, okunguyena ongibambe ngesandla, wangikhuthaza ukuba ngiyiqophe ngokusemthethweni le ngoma.
"Ngeke ngibonge abantu abangisizile kuphela, kodwa besengikhohlwa nguNkulunkulu njengoba ngingumuntu okholwayo," esho.
UGandaganda uzalelwe, wakhulela Ethelezini. Uqale khona imfundo yakhe, kusukela emabangeni aphansi kwaze kwaba udlulela eMajuba College, ophikweni lwayo oluseDundee.
Uneziqu zezokuphathwa kwemali.