22 | Ezemidlalo
Friday, 12 December 2025
NGU-OWEN Farrell ophakathi, ekakwe ngabadlali beSharks, uBongi Mbonambi (okwesokudla) no-Ox Nche.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
USEMAGANGE ukugijima umdlalo wakhe wokuqala eHollywooodbets Kings Park, eThekwini umakadebona wase-England, u-Owen Farrell, odlala kwiSaracens yangakubo, ezobhekana neSharks kowe-Investec Championship Cup ngoMgqibelo ngo-19h15 eThekwini.
"Sengijahe kabi ukudlala kule nkundla. Ukuza kuleli dolobha ngalesi sikhathi sonyaka kumnandi kakhulu ,kwazise nesimo sezulu sakhona sihle kakhulu.
"Ngesikhathi silapha ngo-2018, saba nesikhathi esimnandi, kangingabazi ukuthi nakulokhu kuzokuba ngesifanayo.
"Ngiqale ukuza la ngo-2012 neqembu lesizwe. Engikwaziyo nje wukuthi sizokube sidlala kushisa, okuyinto iningi lethu elingayijwayele," kusho lo mdlali owasala sengathi umile egaduliswa ngu-Chelsin Kolbe wamaBhokobhoko kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-IRB ka-2019, eyayiseJapan.
NGU-CHESLIN Kolbe egadulisa uFarrell kowendebe yomhlaba ka-2019.
AmaBhokobhoko anqoba khona ngo-32-12. Ayeseyiphula izinhliziyo okwesibili i-England ngokuyiguqisa kowamanqamu njengoba kwenzeka nango-2007, eyinika u-15-6, eFrance.
Njengoba kuyilesi sikhathi sonyaka, kulindeleke ukuba inkundla igcwale phama kwazise abantu abaningi sebeqalile ukuzidlela amaholidi kaDecember, kanti iTheku lingelinye lamadolobha amukela inqwaba yezivakashi ngalesi sikhathi.
Isiyonke imidlalo ye-Investec Cup imi kanye:-
NGOLWESIHLANU
Leicester Tigers vs Leinster 22:00
NGOMGQIBELO
Stormers vs La Rochelle 15:00
Sharks vs Saracens 17:15
ASM Clermont vs Sale Sharks 17:15
Union Bordeaux-Begles vs Llanelli Scarlets 19:30
Munster vs Gloucester 19:30
Glasgow Warriors vs Stade Toulousain 22:00
NGESONTO
Harlequins vs Aviron Bayonnais 15:00
Castres Olympique vs Edinburgh 15:00
Toulon vs Bath 17:15
Northampton Saints vs Bulls 17:15
Bristol Bears vs Section Paloise 19:30