02 | Izindaba

Friday, 29 August 2025

Ezifingqiwe


01


Abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga nesicelo kuhulumeni

Image

BASHAYA indesheni kuhulumeni ukuba ubavikele, futhi uqinise isandla kosomatekisi ababahlaselayo abashayeli bezimoto ezincane, ezikhokhelwa ngebanga (e-hailing).

Lesi sicelo sivele emuva kwesigameko sokuhlaselwa kwabashayeli ababili bezimoto ezikhokhelwa ngebanga, KwaDabeka, eThekwini, ngoLwesithathu. 

Kuboshwe abantu abangephezu kuka-10, okusolakala ukuthi bayathinteka ekudubuleni imoto yomunye wabashayeli balezi zimoto, nasekushayeni kanzima omunye wabo.

Inhlanano yamatekisi, iSantaco KwaZulu-Natal, ithi umnyango wezokuthutha kumele ubeke imigomo ezolawula ukusebenza kwalezi zimoto ezithutha abantu, ezikhokhelwa ngebanga.

Bawu-15 abashayeli nabanikazi bamatekisi ababoshiwe, baphoswa imibuzo ngokuhlaselwa kwabanikazi bezimoto ezikhokhelwa ngebanga.


02


Zisaqhubeka izingxoxo zohwebo phakathi kweNingizimu Afrika neMelika

Image

NGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa nowaseMelika, uMnu Donald Trump.

UNGQONGQOSHE wezoBudlelwano naMazwe  nokuBambisana eNingizimu Afrika, uMnu Ronald Lamola, uthi zisaqhubeka izingxoxo mayelana nobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika, maqondana nobudlelwano bezohwebo.

Uhulumeni wakuleli uqhuba lezi zingxoxo ngethemba lokuthi kungenzeka iMelika ishintshe umqondo ngokwenyusa ngo-30% intela ekhokhishwa iNingizimu Afrika ngemikhiqizo yayo edayiswa kuleliya lizwe.

Kunethimba laseMelika elizotheleka eNingizimu Afrika ukuzoxoxa nelakuleli ngezithinta ubudlelwano balawa mazwe.

ULamola uthi akanaso isiqiniseko sokuthi uMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump uzoyethamela yini inqgungquthela yeG20 ezoba seNingizimu Afrika, ekupheleni kwalo nyaka.


03


Ituswe ngokumela iqiniso intatheli eshonile

Image

ITUSWE ngokumela iqiniso nezinto ebikholelwa kuzona intatheli ye-Eyewitness News (EWN), uMatshidiso "Tshidi" Madia (42) (osesithombeni),  eshone ngoLwesithathu ekuseni, emuva kokuxinwa wukugula isikhashana. 

UMnu Sibusiso Ngalwa weSouth African National Editors Forum (SANEF), ebhonga emswanini, uthe uTshidi - obeyintatheli yezepolitiki -  ubenamagalelo ancomekayo, futhi elimela iqiniso nezinto abekholelwa kuzo.

Uthe umkhakha wezobuntatheli ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokwedlula emhlabeni kwaleli qhawekazi.

Amaqembu ehlukene epolitiki - okubalwa kuwona i-EFF, i-IFP, iDA ne-ANC - adlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani, nakozakwabo bakaTshidi.


04


Inyakazise inyunyana eyokweqa kweziboshwa KwaZulu-Natal

Image

I-POLICE and Prisons Civil Rights Union (POPCRU), ithi izigameko zokweqa kweziboshwa KwaZulu-Natal yinto okufanele ifakelwe izibuko.

Isho lokhu emuva kokweqa kweziboshwa eziwu-7, ebezitoke ejele laseGlencoe. Zeqe ngesikhathi sezithuthelwa eMnambithi kuleli sonto.

Kuthiwa lezi ziboshwa zivule isicabha seveni yamaphoiyisa ihamba, zaphuma zabaleka.
Imibiko ithi zisagcwele amathafa, kanti ezinye zazo ziyingozi emphakathini.

Kweqa lezi nje, ezinye ezimbili zeqe emotweni zisuka ejele eQalakabusha, eMpangemi, ziyiswa eNkantolo yaseMthunzini.

Amaphoyisa akwazile ukudubula esisodwa ebesizama ukubaleka, kanti njengamanje sigadiwe esibhedlela.

0