02 | Izindaba

Friday, 22 August 2025

Ezifingqiwe


01


Ungqongqoshe ugculisekile ngencazelo kasigaxamabhande wamasosha ngohambo lwase-Iran

Image

UMNYANGO wezokuVikela eNingizimu Afrika uthi ungqongqoshe wawo, uNkk Angie Motshekga, wanelisekile ngencazelo yoMkhuzi woMbutho wezeMpi, iSouth African National Defence Force (SANDF), uGeneral Rudzani Maphwanya (osesithombeni), mayelana nohambo lwakhe lwase-Iran, obeluphakathi nale nyanga.

Kudingeke ukuba uGen Maphwanya abhale umbiko, achaze ngalolu hambo lwakhe lwase-Iran, okusuke umsindo ngalo.

Usolwa ngokuthi kuthe ngesikhathi ehlangene noMajor-General wezeMpi wase-Iran, uSeyyed Abdolrahim Mousavi, uzwakalise ukweseka i-Iran esanda kuhlaselwa yi-Israel ne-USA - okwaziwayo ukuthi bayizintethe ezibelethene.

Umnyango uthi uhambo lwakhe lwalugunyaziwe nguNkk Motshekga. Uthi empeleni kwakufanele avakashe ngonyaka odlule, kodwa uhambo lwakhe lwabuye lwahlehliselwa lo nyaka.

Ezinsukwini ezedlule kusuke umsindo ngomhlangano kaGen Maphwanya neziphathimandla zombutho wezempi e-Iran.


Uzithole esenkingeni ngokuphawula kwakhe, enza isibophezelo sokuthi imibutho yezokuvikela - owaseNingizimu Afrika nowase-Iran - ingasebenzisana, ngenhloso yokuvikela lawa mazwe amabili, nokudala uzinzo.

Ugxekwe ngokuthi ukhulume izindaba ezingadingi yena ezimayelana nobudlelwano bamazwe.

Abamaqembu aphikisayo athe kumele axoshwe uGen Maphwanya, abanye bathi noNkk Motshekga kumele axoshwe.


02


Ibambene ngezihluthu ezikhulwini zamaphoyisa

Image

ABAMMELI bePhini loMkhuzi wamaPhoyisa, uLieutenant-General Shadrack Sibiya (osesithombeni), sebebhalele umkhuzi wamaphoyisa, uGen Fannie Masemola incwadi, bemyalela ukuba ambuyisele emsebenzini ngokushesha.

UGen Masemola wamisa uLt-Gen Sibiya emsebenzini ngemuva kokuvela kwegama lakhe ezinsolweni ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngenyanga edlule, zokuthi ungomunye wabahlangene nezigilamkhuba eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

Kulezo zinsolo, uLt-Gen Mkhwanazi, wabalula negama likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, naye owayalelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuba ahlabe ikhefu "eliyisiphesheli".

UGen Masemola ubengakaphenduli ngale ncwadi kaLt-Gen Sibiya.


03


Zinikwe umphako wesethembiso yizikhulu zikahulumeni izisulu zezikhukhula

Image

INIKWE umphako wesethembiso yizikhulu zikahulumeni imindeni ebalelwa ku-200, eyaphenduka izisulu zezikhukhula ngo-2022, eThekwini, njengoba zithi kuzoshaya uDecember isifakwe ezindlini ezintsha.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkz Thembi Simelane; uzakwabo KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma; noSomlomo weTheku, uMnu Thabani Nyawose, bakusho lokhu ngesikhathi benikeza ezinye izisulu zezikhulula zango-2022 okhiye bezindlu, ezintsha ceke, ezizakhelwe wumnyango wabo nomasipala weTheku.

UDuma uxolisile ngokubambezeleka kohlelo njengoba lezi zisulu besekuphele iminyaka emithathu zilala emahholo.


04


Ijaji nesigcawu sokucacisa ngokusebenza kwekhomishini ezomunyunga izinsolo zikaMkhwanazi

Image

IJAJI eselithathe umhlalaphansi, uMnu Mbuyiseli Russel Madlanga (osesithombeni), lizoba nesigcawu sabezindaba ePitoli, ngoMsombuluko, ukucacisa ukuthi izosebenza kanjani ikhomishini ejutshwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuphenya izinsolo ezabhadlazwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

ULt-Gen Mkhwanazi waveza izinsolo zokuthi kunosopolitiki nezikhulu zamaphoyisa abaphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa, behlangane nezephulamthetho.

IKhomishini kaMadlanga izoqala ukuhlala ngomhla ka-1 kuSeptember, eBrigitte Mabandla Justice College, ePitoli.
menzi.jele@ilangnanews.co.za

0