Ezemidlalo | 19

Friday, 16 May 2025

IDurban City kayinavalo ngokumangalelwa kwiPSL

Isolwa ngokusayinisa ngendlela enogcobho uSaziso Magawana

Image

Mfanafuthi Ndlovu

KABAYICABANGI nakancane indaba yecala elizongena ngoLwesibili abeDurban City enomdlalo omqoka neCape Town Spurs wokusonga isizini yeMotsepe Foundation Championship (MFC) ngeSonto ngo-15h00 e-Athlone Stadium, eCape Town.

Lishone elangoLwesithathu sekusabalele imibiko yokuthi icala elafakwa yiJDR Stars ngomdlali weCity, uSaziso Magawana - ukuthi akasayinile ngendlela efanele - lizongena ngoLwesibili.

UFarook "Ntshebe" Kadodia ongumnikazi weCity, utshele ILANGA ukuthi kabanakho ukwesaba mayelana naleli cala yize engazange afune ukwenaba kakhulu ezeseka ngokuthi selisezandleni zekomidi eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL). Uthi bakwenza konke okufanele ngokusayinisa uMagawana kule kilabhu.

Leli cala kuthiwa ngelokuthi uMagawana wajoyina iCity ngaphandle kwamaphepha aqondile ngesikhathi esuka kwiMarumo Gallants.

Image

NGU-FAROOK "Ntshebe" Kadodia ongumnikazi weDurban City.
Izithombe ngabe:BackPagePix


USimo "Govuza" Dladla opheka iCity, ephawula ngomdlalo weSpurs, uthe umincele ukuthi isimo sezulu sibavune kwazise sebetholile ukuthi eKapa ngeSonto lizokube linomoya ocishe ufane ncamashi nowase-Eastern Cape.

* Isiyonke imidlalo yokusonga isizini yeMFC imi kanje:-
NGESONTO
E-Athlone: Cape Town Spurs vs Durban City 15h00.
KaNyamazane: Kruger United vs Venda FC 15h00.
EThohoyandou: Black Leopards vs University of Pretoria 15h00.
ESolomon Mahlangu: Casric Stars vs Hungry Lions 15h00.
EPrincess Magogo: Milford FC vs Baroka FC 15h00.
EDobsonville: Pretoria Callies vs JDR Stars 15h00.
EMxolisi Dicky: Upington City vs Highbury FC 15h00.
E-Olympia Park: Orbit College vs Leruma United 15h00.

0