18 | Ezemidlalo

Friday, 08 August 2025

IDowns izoqinisa isandla ukuvikela isicoco seligi


Umqeqeshi wayo uthi kabazile ukuzosinisa amahleza kule sizini

Image

NGUMQEQESHI weSundowns, uMiguel Cardoso.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UVEZA akutshele abadlali bakhe ngaphambi kokuqala komkhankaso wokuvikela isicoco sabo seBetway Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.

IDowns izobhekana neChippa United koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Isicoco seligi isisinqobe kawu-8 kulandelana .

UCardoso uthi ubatshelile abadlali bakhe ukuba  bakhombise zisasuka nje ebhandeni ukuthi kabazile ukuzosinisa amahleza kule sizini emkhankasweni wabo wokuvikela lesi sicoco.


"Noma iyiphi ikilabhu ehlose ukunqoba okuthile, kufanele izihloniphe ngaso sonke isikhathi izimbangi zayo. Ngibatshelile abadlali bethu ukuthi indlela engifuna siqale ngayo isizini, kufanele kubonakale ukuthi sihloseni. Ngebhadi kangikholelwa ethubeni lesibili, uma lidlulile lidlulile, yingakho kufanele uzibonakalise zibekwa ebhandeni.

"Konke lokho ngikushiyela kubadlali, bayakwazi okufanele sikwenze njengoba siya kulo mdlalo. Bayayazi indlela okufanele sihambe ngayo, bayazi futhi ukuthi kuza imidlalo enzima. Siqala isizini entsha, okusho ukuthi kuqala isahluko esisha, sonke siqala ekuqaleni," esho.

Image

NGABADLALI beDowns bejabulela elinye lamagoli abo ngesikhathi bebhudluza iRichards Bay FC ngo-4-0 koweMTN8.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IDowns ingase iye kulo mdlalo ngaphandle kukaLucas Ribeiro Costa oyanyaniswa neQatar SC.

Abanye abadlali okuvela ukuthi kungenzeka bangabi khona, nguKhuliso Mudau noPeter Shalulile okuthiwa nabo bafuna ukuhamba. UShalulile ukhonjwa kwi-Esperance yaseTunisia, okuthiwa imnunusela ngetshe lemali.

Bonke laba badlali bebengekho iDowns ibhabhadisa  iRichards Bay FC ngo-4-0 kwiQuarter final yeMTN8 ngeledlule eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
IDowns izodlala ne-Orlando Pirates kwiSemi final yeMTN8 ezokuba ngelizayo.

0