16 | Ezemidlalo

Friday, 03 October 2025

Umqeqeshi akeneme ngomusa wabadlali beChiefs


Uthi udinga indluzula uma sebedlala neStellies koweCarling Knockout

Image

NGABADLALI beChiefs, kusuka kwesobunxele nguThabo Cele, uMduduzi Shabalala noWandile Duba. Umqeqeshi wale kilabhu ukhala ngokuba "ngonomusa" kwabadlali bakhe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, akeneme ngalokho akubiza ngomusa ogcwele amabhakede wabadlali bale kilabhu abasola ngokungafuni ukusebenzisa indluzula ukucoboshisa izitha zabo noma zikhombisa ukuba buthaka.

Uthi udinga iChiefs eyehlukile phambi kwamapali uma seyitholene phezulu neStellenbosch FC koweLast 16 yeCarling Knockout ngeSonto ngo-15h00 eDHL Cape Town Stadium.

Uthi akafuni benze amaphutha aholele ekutheni badedele amaphuzu kalula bebambana namaZulu FC ngo-1-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadium, eGoli.

USuthu yilona oluvule inkundla uThandolwenkosi Ngwenya elibeka enethini kodwa igoli lakhe lacinywa ngelikaMduduzi Shabalala.

IChiefs ike yathola iphenathi kulo mdlalo, kodwa uGlody Lilepo wahluleka wukuyiqabulisa inethi kanti nebhola elishaywe nguPule Mmodi loniwe nguKhanyisa Mayo, olithinte seliyokweqa umugqa wegoli ekubeni ubesewugabagaba lwe-offside, okwenze kalaze labalwa.

USuthu nalo luke lwathola amathuba amahle okuqeda ngomdlalo sekusele amanenjana umdlalo uphele kodwa abadlali balo bawabhubhudla.

Image

NGU-KHALIL Ben Youssef obambe esigqikini sokucija iChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBen Youssef uthi njengoba beya kulo mdlalo weStellies, nakanjani kufanele ukuba bafike kuwona sebeyisebenzile eyokuqedela wonke amathuba abawakhayo, ukuqeda ngokushesha ngezitha.

"Umdlalo wamaZulu uyangikhalisa ngoba besiwuthwele, sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangawavalela enethini.

"Empeleni kufana nokuthi siphisane ngamaphuzu kulo mdlalo ngoba AmaZulu bekungafanele athole lutho. Into esibulalayo wukushweba ngoba sidlala kahle.

"Njengoba siya kulo mdlalo weStellenbosch, kufanele siyolungisa indaba yethu yokushweba amathuba alula. Okuhle wukuthi izinsuku sisenazo ngoba umdlalo wethu ungeSonto. Kuzofanele siyoyisebenza le nto ngoba iyasilimaza," kusho uBen Youssef.

Image

BEKUSHUBILE phakathi kukaGloddy Lilepo weChiefs noRiaan Hanamub woSuthu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Isiyonke imidlalo yesigaba sikaLast 16 seCarling Knockout iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
EChatsworth Stadium: Durban City vs Polokwane City 19h00.
NGOMGQIBELO
E-Olympia Park: Orbit College vs TS Galaxy 15h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Siwelele 15h00.
EKing Zwelithini: Golden Arrows vs Sekhukhune United 18h00.
ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Marumo Gallants 20h00.
NGESONTO
EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Chippa United 15h00.
E-DHL Cape Town Stadium: Stellenbosch vs Kaizer Chiefs 15h00.
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Magesi 18h00.

0