22 | Ezemidlalo
Friday, 05 September 2025
NGU-LIBBIE Janse van Rensberg eyocamelisa enye yama-try amaBhokobhoko esifazane ngesikhathi ebhekene ne-Italy.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
UMQEQESHI weqembu lesizwe labesifazane lombhoxo, uSwys de Bruin, uzwakalise ukuthi yonke imidlalo bazoyithatha njengeyamanqamu phezu kokuba sebedlulelile kumaQuarter final eNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-England.
Elakuleli lizobhekana neFrance ngeSonto ngo-17h45 kowokugcina wamaqoqo.
Uthi kumqoka ukuba bagijime lo mdlalo ngokukhulu ukuzimisela, ukugcina umgqigqo abahamba ngawo selokhu kuqale lo mqhudelwano abawuvule ngokuhlula iBrazil ngo-66-6, balandelisa nge-Italy ngo-29-24.
"Ngeke nangengozi siye emdlalweni sithambise imizimba, ngoba nakhu sithi sesiyogcina icala. Sifuna ukuthatha yonke imidlalo njengayamanqamu.
"Nabadlali bayazi ukuthi kumele benze umsebenzi omuhle enkundleni ngaso sonke isikhathi.
"Kubaluleke kakhulu ukuthola umphumela omuhle emdlalweni wethu neFrance, ngoba lokho kusengenza sigweme ukuthola iqembu elizoqeda liphezulu kwelinye iqoqo," esho.
NGUMQEQESHI wamaBhokobhoko esifazane, uSwys de Bruin enabadlali bakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UNolusindiso Booi ongukaputeni weqembu, uthi ufisa ukushiya kuleli qembu ngegiya eliphezulu njengoba sekuwumqhudelwano wakhe wesine wendebe yomhlaba ukugijima kuwona.
Uthi kungaba kuhle ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano.
Sekuwumlando ukuthi elakuleli liyaqala ngqa ukungena esigabeni somkhumulajezi selokhu laqala ukuba kulo mqhudelwano ngo-2006. Liqopha lo mlando nje, beliqala ukushaya i-Italy emidlalweni emine la maqembu asayigijimile.
Isiyonke imidlalo yesigaba samaqoqo eseyisele yendebe yomhlaba imi kanje:
NGOMGQIBELO
Canada vs Scotland 13h00.
USA vs Samoa 14h30.
Wales vs Fiji 15h45.
England vs Australia 18h00.
NGESONTO
Japan vs Spain 13h00.
Italy vs Brazil 15h00.
New Zealand vs Ireland 15h45.
France vs South Africa 18h00.