20 | Ezemidlalo
Friday, 26 September 2025
NGABADLALI bamaBhokobhoko. Kusuka kwesobunxele nguKwagga Smith, nguCobus Reinach noManie Libbok.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
BAYILUNGELE inselelo abazobhekana nayo abadlali bamaBhokobhoko azogadulisana nePumas yase-Argentina koweCastle Lager Rugby Championship ngoMgqibelo ngo-17h10 eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.
Lo mqhudelwano ugijinywa ngamaBhokobhoko, yiPumas, yiWallabies yase-Australia ne-All Blacks yaseNew Zealand, kanti womane la maqembu asesethubeni lokuwunqoba (lo mqhudelwano) njengoba wonke esanqobe imidlalo emibili, ahlulwa kwemibili, okwenza uvuleleke.
UKwagga Smith ongumdlali wamaBhokobhoko, uthi balindele umdlalo onzima kwiPumas kwazise inabadlali abanamandla, futhi abasheshayo uma kuyiwa phambili.
"Bayingozi kabi laba bantu, ikakhulukazi emabholeni aphezulu. Ngakho kuzodingeka ukuba sizibambe ziqine.
"Nabadlali bayo abagijima phambili bashesha ngendlela eyisimanga, ngakho kufanele sibaqaphe ngeso lokhozi ukugwema ukuzifakela ingcindezi," esho.
Lo mdlali ukhuluma ngalolu hlobo nje, uyazi ukuthi kuzomele baqikelele kulo mdlalo kwazise uma beke behlulwa, kuzosho ukuphela kwamathemba okuvikela lesi sicoco abasinqobe nyakenye.
NGUKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi nowe-Argentina, uJulian Montoya.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Komunye umdlalo walo mqhudelwano, i-All Blacks izoshukana neWallabies ngoMgqibelo ngo-07h05 ekuseni eNew Zealand.
Elakuleli lizovala imidlalo yalo mqhudelwano ngokugadulisana nePumas emdlalweni ozokuba ngoMgqibelo ozayo womhla ka-4 ku-October ngo-15h00 eTwickenham, e-England.
IWallabies izovala ne-All Blacks ngosuku olufanayo ngo-11h45 e-Australia.
Kuyiwa kule midlalo nje, zimi kanje:
P W D L PD Pts
Australia 4 2 0 2 10 11
Springboks 4 2 0 2 18 10
Zew Zealand 4 2 0 2 -15 10
Argentina 4 2 0 2 -13 9