19 | Ezemidlalo

Friday, 17 October 2025

Kunconywa iPSL ngengcwenga yeBafana

Kuvuke imizuzu yango-2010 kuShabba lesi sikwati singena kwiNdebe yoMhlaba yeFifa yango-2026
Image

NGU-IRVIN Khoza ongusihlalo wePSL.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu noSenzo Sokhela

KUNCONYWA iPremier Soccer League (PSL) ngokuba neligi ekhiqize inqanawe yesikwati esisize iBafana Bafana njengoba iyomela iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngonyaka ozayo e-United States of America (USA), eCanada naseMexico.

USiphiwe "Shabba" Tshabalala owaduma kwiKaizer Chiefs, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuba iPSL kayikho ezingeni eliphezulu emhlabeni, ngabe kukhulunywa okunye ngeBafana.

Uthi phambilini abadlali abebezinze eNingizimu Afrika bebenganikwa kakhulu ithuba lokudlala kwiBafana, kugxilwa kwabebegijima emaligini ase-Europe, osekushintshile.

Image

NGUSIPHIWE Tshabalala ejabulela igoli lakhe elaba ngelokuqala ngqa ukushaywa kwiNdebe yoMhlaba yeFifa emhlabeni wase-Africa. Leli goli walishaya kowokuvula ngo-2010, iBafana ibambana neMexico ngo-1-1 e-FNB Stadium, eGoli.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Selokhu iBafana iqashe uHugo Broos ngo-2021 ukuba ngumqeqeshi, lesi sikwati sesibunjwe kakhulu ngabadlali abagijima emakilabhini ePSL.

"Ngijabule kakhulu ngomsebenzi owenziwa yizikhulu zePSL eziholwa ngu-Irvin Khoza (ongusihlalo), noMato Madlala (oyisikhulu esiphezulu) ngokusinika umkhiqizo esikwaziyo ukuziqhenya ngawo.

"Impela kufanele ukuba yethulelwe isigqoko iPSL ngalokhu ekwenzayo. Bheka nje abadlali esinabo ukuthi bawukhilimu onjani kwiBafana.

"Kuvuka iminjunju kimina uma ngicabanga ngisho negoli engalishaya ngesikhathi sisingethe iNdebe yoMhlaba ngo-2010, ngifise sengathi ngabe ngisadlala namanje," kusho uTshabalala.

Image

NGUTSHABALALA "edodisa" unozinti weBafana, uRonwen Williams.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IBafana ingene emqhudelwaneni wendebe yomhlaba ngokuqeda iqhwakele ku-group C emuva kokubhaxabula kanzima iRwanda ngo-3-0 ovuthayo.

Amagoli eBafana ashaywe nguThalente Mbatha, u-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa emdlalweni obungoLwesibili ebusuku eMbombela Stadium, eMpumalanga.

Sekuwumlando ukuthi uMakgopa ushaya leli goli nje, ulandwe ngemizuzu yokugcina emuva kokuhoxa kuka-Iqraam Rayners. Akagcinanga ngokushaya leli goli njengoba kunguyena owakhe elesibili, okungelika-Appollis

0