20 | Ezemidlalo

Friday, 08 August 2025

AbeBafana bazosebenzisa iChan ukufesa kwawePSL


Isikwati sakuleli sakhiwe ngabadlali abaningi abangenamakilabhu


Image

YINGXENYE yabadlali beBafana ebambe iqhaza kwiCHAN. UWayde Jooste ofake ijakhethi ungomunye wabadlali abangaqashiwe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Nhlanhla Hudla

BAZIMISELE ngokusebenzisa i-African Nations Championship (CHAN) ukuzivulela amathuba okuthola amadlelo aluhlaza emakilabhini agijima kwiPremier Soccer League (PSL) abadlali abasesikwatini seBafana Bafana esizogijima lo mqhudelwano ngaphansi kukaMolefi Ntseki ongumqeqeshi.

IBafana izovula lo mqhudelwano ngokushukana ne-Algeria ngoLwesihlanu ngo-16h00 e-Uganda. IBafana ikwiGroup C lapho iqhathwe khona ne-Algeria, iGuinea, iNiger nosokhaya i-Uganda ebambisene neTanzania neKenya ekusingatheni lo mqhudelwano.

IBafana izokuya kulo mdlalo seyazi kahle kamhlophe ukuthi kufanele izibambe ziqine njengoba i-Algeria inqobe umdlalo wayo wokuqala ngo-3-0 iguqisa iGuinea.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo ne-Algeria uWayde Jooste, uthe akabuboni ubunzima obungakho ezitheni zabo kwazise bayazana bengabadlali.

Image

NGU-KEAGAN Dolly ongomunye wabadlali beBafana abangaqashiwe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Isikwati seBafana sibunjwe kakhulu ngabadlali abangenawo amakilabhu, okwenze baya kalula kulo mqhudelwano ongekho ngaphansi kwekhalenda leFifa.

"Sesidlale ndawonye isikhathi eside futhi siyazana, okuzokwenza kube lula ukuhlangana. Ukuzilolonga ekhaya isikhathi eside nakho kusisize kakhulu. Okuhle wukuthi abantu esizodlala nabo kakukho abakwaziyo ngathi. Sizokwenza konke ukunqoba lo mdlalo wethu," esho.

NoKeagan Dolly oyingxenye yalesi sikwati, uthe lo mqhudelwano uzobasiza ukuveza abakuphethe njengoba iningi labo lingaqashiwe, wathi lokhu kuzobagqugquzela ukuhamba ibanga elide kwiCHAN.

0