18 | Ezemidlalo
Friday, 12 December 2025
NGU-RONWEN Williams (okwesokudla) enozakwabo ezintini zeBafana, uRicardo Goss (ophakathi), noSipho Chaine.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBONA ubunzima kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngomhla ka-21 kwephezulu isongwe ngomhla ka-18 kuJanuary eMorocco ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams.
IBafana iku-group B ne-Egypt, i-Angola neZimbabwe.
UWilliams uthi lo mqhudelwano uzoba nzima njengoba wonke amazwe elinyuse kakhulu izinga.
"Abantu balindele ukuthi siwunqobe kulokhu lo mqhudelwano kwazise kowedlule silale isithathu.
"Kodwa-ke bonke abantu bawugaqele lo mqhudelwano, ngeke neze kube lula.
IMorocco nje iyodwa, njengoba ingosokhaya, noma kanjani izofuna le nkomishi isale khona.
"Kuzofanele sisebenze ngokuphindiwe uma sifuna ukubuya nale nkomishi. Kufanele siye kule midlalo nemiqondo ehluzekile, singanaki izinto ezisemaceleni.
"Umdlalo nomdlalo esizowugijima kufanele siye kuwona nomqondo wokuthi siyoqeda ngawo, hhayi indaba yokudlala.
"Kawukho umdlalo ozobe ulula, yonke izobanzima, idinga ukuba sizinikele ngokuphindiwe kuyona.
"Kodwa-ke siyakwazi esikuyela kule midlalo, sizokwenza konke okusemandleni ukuthi sihamba ibanga elide," kusho uWilliams.
NGU-MOHHAMED Kudus weGhana ogijima kwiTottenham Hotspur yase-England, ongesinye sezethenjwa zakuleliya lizwe ezizobe zingekho ibhekene neBafana kowokuzifudumeza. Lapha wathathwa esagijima kwiWest Ham United, yakhona e-England.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IBafana izokuba nomdlalo wokuzifudumeza ezobhekana kuwona neGhana ngoLwesibili eGauteng.
Kulo mdlalo iGhana ibophele isikwati esizacile, njengoba kukhona abadlali abagijima kwiligi yakhona kuphela.
Kazibonwa izethenjwa zayo ezigijima emaligini aphesheya, okubalwa kuzo uMohhamed Kudus weTottenham Hotspur, u-Antonio Semenyo weBournemouth - okungamakilabhu agijima kwi-English Premiership - no-Inaki Williams ogijima kwi-Athletic Bilbao yaseSpain, egijima kwiLa Liga.
Kuzokuthi ngoLwesithathu iBafana ibhekise amabombo eMorocco.
Izovula lo mqhudelwano ne-Angola mhla ka-22 kwephezulu ngo-19h00.