22 | Ezemidlalo
Friday, 02 Friday 2026
NGU-JOEY Mongalo enomdlali wakhe wasemuva, u-Ethan Hooker.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
UMQEQESHI wabadlali basemuva kwiHollywoodbets Sharks, uJoey Mongalo, uthi balindele umdlalo onzima kwiLeinster yase-Ireland, abazobhekana nayo kowe-United Rugby Championship (URC) ngoMgqibelo ngo-15h00 eHollywodbets Kings Park, eThekwini.
Lona kuzokuba wumdlalo wesibili woShaka emuva kokuhlula i-Ospreys, yaseWales ngo-41-24 kowokuvula wona lo mqhudelwano, ngeledlule.
ILeinster yiyona evikela i-URC, eyinqobe okokuqala ngesizini efile.
UMongalo uthi bayazi ukuthi izitha zabo zizofaka abadlali bazo abaqinile, kunalaba ebezibafake zidlala neLions yaseGoli, ezehlule ngo-27-26, ngeledlule.
Uthi amalungiselelo abo ahamba kahle kakhulu.
NGU-APHELELE Fassie (ophethe ibhola) ekinatelwa nguJordan Larmour weLeinster
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi okuhle wukuthi kuzokube sekubuye nabanye babadlali babo abebekumaBhokobhoko, abenemidlalo emine ne-All Blacks yaseNew Zealand, nowodwa ne-Australia.
"Kubalulekile ukuthi sisebenze ngokuzikhandla, ikakhulukazi emidlalweni yethu yasekhaya.
"Siyabahlonipha impela, ngoba bayiqembu elihle, kodwa nathi sizokuya emdlalweni ngenhloso yokuwaqoqa wonke amaphuzu," esho.
OShaka kulindeleke ukuba benze kangcono nonyaka kwazise ngesizini edlule bashaya udaka, behluleka ngisho wukuzibekisela indawo kowokuhlunga, yize babeshaya ngenqwaba yabadlali abanohlonze, iningi labo eliyingxenye yamaBhokobhoko.
Lokhu kwenza baze bahlukana nomqeqeshi wabo, uJohn Plumtree waseNew Zealand, owayekhuza ibuya kuleli qembu eliphethwe yiMVM Holdings, ehambisana noMarco Massotti ongummeli ozinze phesheya kwezilwandle.
* Isiyonke imidlalo ye-URC ihlelwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
Benetton vs Connacht 20h45.
Edinburgh vs Stormers 20h45.
Cardiff vs Zebre 20h45.
NGOMGQIBELO
Lions vs Ospreys 16h00.
Sharks vs Leinster 18h30.
Glasgow vs Ulster 18h30.
Munster vs Bulls 20h45.