22 | Ezemidlalo

Friday, 30 January 2026

Izifake obishini iReal Madrid

Ingene kwelikhulu ihlazo yehluleka ukungena ishishiliza kwiLast 16 kowe-Uefa Champions League

Image

WEHLULEKILE ukufihla ukudangala kwakhe uKylian Mbappe, weReal Madrid, ezakhe zidliwa yiBenfica ngo-3-2 koweChampions League.

INGASE izithole isenkingeni yokungadluleli esigabeni seLast 16 iReal Madrid yaseSpain ebhuquziswe yiBenfica yasePortugal ngo-4-2 kowe-Uefa Champions League ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu sekuholele ekutheni le kilabhu ethathwa njengenkulukazi emhlabeni futhi eseyinqobe izicoco eziningi zalo mqhudelwano - ingene esigabeni sokuhlungela ukuthola indawo kwiLast 16, okuyinto ethathwa njengehlazo elikhulu njengoba ishaya ngenqwaba yabadlali abahlonishwayo emhlabeni.

Image

KUPHELE amathemba okudlala ngokulingana kwiReal Madrid ngesikhathi unozinti weBenfica engqofela igoli phakathi ngemizuzu yokugcina, ezakhe zinqoba ngo-4-2.

Le kilabhu iqede endaweni ephansi okuyikhona okuholele ekutheni ingene kulolu taku. Lokhu kuyibeka ethubeni lokuthi iphinde ithole yona futhi iBenfica eqeqeshwa nguJose "The Special One" Mourinho noma ibhekane neBodo/Glimt elokhu iqhubeka nokumangaza abaningi njengoba yehlule i-Atletico Madrid yaseSpain ngo-2-1, kanti emasontweni adlule yabukisa ngeManchester City iyiguqisa ngo-3-1 kuwona lo mqhudelwano osufike ovuthondabeni.

Ukuqhathwa kwamakilabhu kuzokwenziwa ngoLwesihlanu lapho okuzocaca khona ukuthi ngobani abahambayo nabasalayo kulo mqhudelwano.

Uma kwenzeka iLos Blancos iphumelela kuma-Play Offs, ngeke ithole ikilabhu ethathwa njengencane njengoba kuyodingeka ukuba itholane nezinkunzi zibekwa. Kumakilabhu engase ibhekane nawo yiMan City yaseNgilandi neSporting Libson yasePortugal.

Image

NGUMQEQESHI weReal Madrid u-Álvaro Arbeloa noweBenfica uJose Mourinho.

 * Imidlalo ye-English Premier League (EPL) imi kanje:-
NGOMGQIBELO
Leeds United vs Arsenal 17h00.
Wolves vs Bournemouth 17h00.
Brighton vs Everton 17h00.
Chelsea vs West Ham 19h30.
Liverpool vs Newcastle 22h00.
NGESONTO
Aston Villa vs Brentford 16h00.
Manchester United vs Fulham 16h00.
Forest vs Crystal Palace 16h00.
Tottenham vs Man City 18h30.
NGOMSOMBULUKO
Sunderland vs Burnley 22h00.
* EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Espanyol vs Alaves 22h00.
NGOMGQIBELO
Oviedo vs Girona 15h00.
Osasuna vs Villarreal 17h15.
Levante vs Atletico Madrid 19h30.
Elche vs Barcelona 22h00.
NGESONTO
Real Madrid vs Rayo Vallecano 15h00.
Real Betis vs Valencia 17h15.
Getafe vs Celta Vigo 19h30.
Athletic Club vs Real Sociedad 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Mallorca vs Sevilla 22h00.
* EyeSerie A yase-Italy:
NGOLWESIHLANU
Lazio vs Genoa 21h45.
NGOMGQIBELO
Pisa vs Sassuolo 16h00.
Napoli vs Fiorentina 19h00.
Cagliari vs Verona 21h45.
NGESONTO
Torino vs Lecce 13h30.
Como vs Atalanta 16h00.
Cremonense vs Inter Milan 19h00.
Parma vs Juventus 21h45.
Udinese vs Roma 21h45.
NGOLWESIBILI
Bologna vs AC Milan 21h45.

0