21 | Ezemidlalo
Friday, 09 October 2026
Mfanafuthi Ndlovu
UPHUMELA obala ngesifo esimphilisa lubhojozi ebholeni elikhokhelayo uKeletso Sifama (23) (osesithombeni) ogijima kwiGomora United edlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) eyisango lokungena kwiBetway Premiership.
USifama owakhuliswa yiKaizer Chiefs, ujoyine iGomora esuka kwiPretoria Callies. Lo mdlali udalule ukuthi ikusasa lakhe kunobhutshuzwayo licishe lanyomfwa yisifo sokuwa, esimphethe.
Uthi lesi sifo samqala esemncane. Uthi unazo izimo ezike zimhlasele esejimini, asizwe yimithi yokusidambisa.
"Nangesikhathi ngisakwiChiefs, sake sangihlasela lesi sifo, kanjalo nangenkathi ngisekwamanye amakilabhu.
"Ngiyaye ngiphuze imithi yokusidambisa uma sesingihlasele. Okungisizayo wukuthi ngiyaye ngisho ngisafika ekilabhini ukuthi nginalesi sifo, ukuze abaphathi (bekilabhu) bangaxwayi uma kwenzeka singihlasela.
"Ngeke ngithi kwiChiefs ngahanjiswa ngoba nginalesi sifo, ngisengabuyela nje kuyona uma ngingasebenza ngokuzikhandla kwiGomora," kusho uSifama.
IGomora izokwamukela i-Upington City emdlalweni weMFC ozokuba ngeSonto ngo-15h30 eMalamulele Stadium.
Le kilabhu kuke kwavela imibiko yokuthi kunenyanga abadlali bayo abangazange bayiholele, nokho izikhulu zayo zikuphikile lokhu.
Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU
EDobsonville: Lerumo Lions vs Hope FC 15h30.
E-Old Peter Mokaba: Magesi FC vs North West University 15h30.
NGOMGQIBELO
EMxolisi Dicky: Hungry Lions vs Real Natives 15h30.
ESugar Ray Xulu: Midlands Wanderers vs Venda FC 15h30.
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Leicesterford City 15h30.
E-Olympic: Orbit College vs Highbury FC 15h30.
NGESONTO
EMalumulele Stadium: Gomora United vs Upington City 15h30.
NGOLWESIBILI
E-Athlone Stadium: Cape Town City vs The Bees 15h30.