21 | Ezemidlalo
Friday, 12 June 2025
Mzwamandla Zondi
ULOBIZELA indondo yegolide kwiComrades Marathon ezokuba ngeSonto ekuseni u-Ayanda Ngcobo (osesithombeni), osubathela iMaxed Elite - okungenye yamakilabhu amakhulu kwezokugijima eNingizimu Afrika.
IComrades izosukela eCity Hall yaseThekwini ngo-05h00 ekuseni, iyophelela eHollywoodbets Scottsville Racecourse, eMgungundlovu.
Lo msubathi waseMsinga uzakhele udumo egijimela iXcel Running Club. Ngokuqala kwalo nyaka ujoyine iMaxed, ebingagayelwa mphako kwiComrades Marathon kule minyaka edlule.
Cishe iMaxed yiyona ikilabhu enezindondo eziningi kwiComrades Marathon.
UNgcobo waba sematheni ngo-2023, ehamba phambili kulo mjaho, kwathi uma sekudlulwa eBotha's Hill - sekuthiwa uyawuthatha umjaho - wakhumula ivesti wabuyela eceleni.
Ekhuluma neLANGA - elingunina weLANGA Lempelasonto - ngaleso sikhathi, uNgcobo wathi wayeyofunda kulo mjaho, futhi wayeyomaketha ikilabhu yakhe, iXcel.
"Engikubhekile nonyaka wukuthola igolide kwiComrades Marathon. Ngicabanga ukuthi ngikwenze konke, futhi ngikwenze kahle.
"NgeSonto ngizokube ngifana nomfundi ozokube ebheke imiphumela yakhe, emuva kokusebenza kanzima ngiziqeqesha.
"IComrades sengiyiqonda kahle, ngifundile kule minyaka eyedlule. Ngizokube ngigijima i-up run yami yesibili nonyaka, ngo-2024 ngenza isikhathi esiwu-5:53.
"Njengoba ngifuna igolide, kuzofanele ngibuye nesikhathi esiwu-5:30," kusho uNgcobo ophekwa nguXolani Mabhida, ongumqeqeshi onolwazi olunzulu ngeComrades Marathon.
Uthi uziqeqeshe kakhulu emzileni weComrades, waya nasezinkundleni zaseCato Manor, ukuyokwakha amandla.
Lo msubathi ungomunye wabeMaxed abathwelwe ngeqoma ukwenza kahle ngeSonto.
Uphethe ngokubonga ikilabhu yakhe entsha ngosizo aluthole kuyona ezilungiselela lo mjaho, ikakhulukazi imenenja, uMartin Ngwenya.