Ezemidlalo | 21

Friday, 25 July 2025

Image

NGUSOMILA Ntsundwana

Ujima neDurban City obengumgadli weBay FC

Kuthiwa ufakiwe esikwatini esizodlala kwiKZN Premier's Cup

Senzo Sokhela

UVUMBUKE kwiDurban City uSomila "Ballo" Ntsundwana osanda kudedelwa yiRichards Bay FC, obesejima neChippa United.

UNtsundwana (28) ongumgadli, udedelwe yiBay ekupheleni kwesizini edlule, walibhekisa kwiChippa afike wajima nayo. Nokho kuvela ukuthi lo mdlali useshiyile kwiChippa njengoba esejima neCity.

Image

Umthombo waleli phephandaba uthe: "UNtsundwana ujima neCity, ufike ekuqaleni kwaleli sonto kule kilabhu.

"IChippa ibifuna ukumsayinisa, inkinga wukuthi baningi abantu abaphethe kuleya kilabhu, kabezwani bebodwa. Omunye ufuna ukuletha abadlali bakhe nomunye ngokunjalo naye ufuna ukuletha abakhe, okuholele ekutheni agcine engasasayinanga.

"Imenenja yakhe uJazzman Mahlakgane ibone kungcono ukuba imzamele kwiCity, nangempela yambiza. Okwamanje ubesajima, cishe iCity izonquma ngaye ngemuva kwePremier's Cup engoMgqibelo eRichards Bay ngoba ngathi ufakiwe eqenjini elizodlala kule midlalo."

Image

Imizamo yokuthola usihlalo weCity uFarook "Ntshebe" Kadodia ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Kungena elePremier's Cup nje, izodlalwa yiBay, ngamaZulu FC, yiLamontville Golden Arrows, yiCity abadlala kwiBetway Premiership, kanjalo namakilabhu adlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), iMilford FC neMidlands Wanderers. Le midlalo izokuba senkundleni iMhlathuze Sports Complex.

Imidlalo yeKZN Premier's Cup iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
AmaZulu FC vs Golden Arrows 11h00; Durban City vs Millford 14h00.
NGESONTO
Midlands Wanderes vs Richards Bay FC 09h00; Winner game 1 vs Winner Game 2 12h00; Final 16h00.

0