21 | Ezemidlalo
Friday, 02 October 2025
NGUKARABO More, egadulisana noCacisile Sosibo.
Mzwamandla Zondi
KUBHEKWE ukuba abasubathi beBoxer Athletics Club (AC) bakhale bemuke nesicoco seBoxer Super Run 5km, ezokuba ngeSonto lomhla ka-18 eThekwini.
Kuqopheke umlando ngesikhathi kubhaliselwa umjaho wanonyaka njengoba kuthathe amahora ambalwa ukuba kutholakale abasubathi abawu-7 000 abebedingeka.
Nonyaka, iBoxer izokube igadla ngoKarabo More osefomini enhle kulezi zinsuku njengoba ebuya kwiWorld Road Running Championships ebiseDenmark ngenyanga edlule, lapho enze khona isikhathi esiwu-4:33:27 kwi-mile.
UKarabo ube yingqwele yalo mjaho ngo-2024, kanti ukuba sefomini kwakhe kubukeka kuzomenza aphinde akhale emuke nesicoco salo mjaho njengoba ngeledlule engene isithathu kwiSpar Women's Challenge eGqeberha.
"Lo mjaho (Boxer) ubaluleke kakhulu kimina. Ngiyakuthanda ukugijima eThekwini ngoba yindawo enobungani, ububona ufika nje khona. Ukunqoba kwami lo mjaho ngo-2024, ngisakukhumbula kahle.
"Nokho lokho kakusho ukuthi kuzokuba lula kumina nanonyaka, kodwa ngiyayithemba indlela engiziqeqeshe ngayo. Okubalulekile kimina wukugijima umjaho ngendlela engiziqeqeshe ngayo," esho.
NGU-Kyla Jacobs ebukisa uJanet Mbhele izithende.
Omunye umsubathi weBoxer obhekiwe kulo mjaho, nguKyla Jacobs, othe uyakuthokozela ukugijima imijaho yamabanga amafushane.
Uthe leli banga lidinga amandla nesivinini, okuyinto ebalulekile kunoma yimuphi umgijimi.
Lo mjaho ohlelwa ngabeStillwater Sports, uphethe isamba sika-R147 000, kanti izingqwele zizogoduka no-R20 000 ngokwahlukana kobulili.
Uzoqala ngo-7 ekuseni ku-Open Wave, kulandele iSuper Social Wave ngo-8, bese kuthi abagijimela imali - okuyi-elite women elite men - baqale ngo-09h45 (abesifazane), no-10h00 (abesilisa).