21 | Ezemidlalo

Friday, 05 September 2025

Image

Ulangazelele okukhulu kwiNedbank
owe-Arrows

Mfanafuthi Ndlovu 

UGCIZELELA ubumqoka bokudlulela esigabeni esilandelayo umqeqeshi weLamontville Golden Arrows ezovovana inkani ne-Orbit College koweLast 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-18h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UManqoba "TV" Mngqithi ocija i-Arrows, uthi ufuna kube semithanjeni yabadlali bakhe ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelwano abasuke bebambe iqhaza kuyona. Nokho ukhale ngokungazi ukuthi kufanele ayihlelele kanjani i-Orbit kwazise ishaya ngabadlali abaningi abasha, abasayine njengoba bekuvulwe iwindi.

Image

NGUNOZINTI we-Arrows uThakasani Mbanjwa.

I-Arrows ifuna ukwenza kangcono kulo mqhudelwano nje, iphume kuma-semi final kwiCarling Knockout iguqiswa yiMarumo Gallants eMlazi.

"Okumqoka manje wukulwela ukuthi sidlulele esigabeni esilandelayo. Sinabadlali abasebancane esifuna ukubanika ithuba kulo mdlalo. Phela bonke abadlali abakwi-Arrows babalulekile.

"Ngingakuthanda ukushintshashintsha isikimu kepha kakulula uma ubhekene nekilabhu efana ne-Orbit, ngoba nokuvikela isithunzi sekilabhu kumqoka," esho.

Image

NGUXOLANI Ngcobo osesizwa ngendaba isikimu kwiLamontville Golden Arrows.

Ebuzwa lo mqeqeshi mayelana nokubeka ebhentshini uXolani "Mduzu" Ngcobo, obekungelakhe ijezi ezintini kusaqala isizini, uthe lokhu kudalwa wukuthi uThakasani Mbanjwa usenza kahle emapalini, yize efike isizini isiqalile. Uthi okuhle ngoMbanjwa wukuthi useyaqala ukujwayela ukuba sezintini zeqembu. Uthi sekuseduze kubuye ngokugcwele uSede Jnr Dion obelimele.

"Kunabadlali abasha abenza kahle engingabala kubona u-Isaac Cisse, engikholwa wukuthi uzokuya kude kunobhutshuzwayo ngokuhamba kwesikhathi. Kufanele abadlali bazimisele ngokulwa kulo mdlalo ne-Orbit kusuka uqala kuze kuba uyophela," esho.

0