20 | Ezemidlalo

Friday, 02 October 2026

Image

NGUSIBUSISO Msomi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ithemba koweBay FC Reserves ngokubamba umgqigqo


Kulindeleke izinga eliphezulu uma isibhekene noSuthu

Mfanafuthi Ndlovu
 
LIQINILE ithemba kumqeqeshi weRichards Bay Reserves, uSibusiso Msomi, ngokuthi akusensuku zatshwala abadlali bakhe bawubambe umgqigqo awufunayo.

IBay Reserves izovovana inkani namaZulu FC Reserves koweDStv Diski Challenge (DDC) ngoMgqibelo ngo-12 emini ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Iyiqale kahle isizini ishaya iMilford FC Reserves ngo-2-0. NamaZulu Reserves avule ngokunqoba iLamontville Golden Arrows Reserves ngo-2-0, okwenza kulindeleke izinga eliphezulu kulo mdlalo.

UMsomi utshele abezindaba ukuthi usepholisha izingxenye ezincane ngaphambi kokuba abadlali bakhe bafike kuleli giya afuna bahambe ngalo.

“Kulo mdlalo woSuthu, sizimisele ngokuqhubeka nomgqigqo wethu wokunqoba. Ngiyazi ukuthi uSuthu lugabe ngabadlali abaningi abahle, futhi abanekhono, kodwa ngeke siwadedele amaphuzu kulo mdlalo. Kasikwazi ukuphoxa abalandeli bethu," esho.

* Isiyonke imidlalo yeDDC engempelasonto ihlelwe kanje:-
NGOMGQIBELO
ESugar Ray Xulu: Durban City Reserves vs TS Galaxy Reserves 10h00.
E-UJ Muller Stadium: Chippa United Reserves vs Siwelele FC Reserves 10h00.
E-UJ Campus: Orlando Pirates Reserves vs Stellenbosch Reserves 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: AmaZulu FC Reserves vs Richards Bay Reserves 12h00.
NGESONTO
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City Reserves vs Golden Arrows Reserves 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: Milford FC Reserves vs Kruger United Reserves 10h00.
E-TUT Stadium: Marumo Gallants Reserves vs Sekhukhune United Reserves 10h00.
EDobsonville Stadium: Kaizer Chiefs Reserves vs Mamelodi Sundowns Reserves 12h00.

0