19 | Ezemidlalo
Friday, 12 June 2026
WAMUKELWE ngenhlokomo unompempe waseSomalia, onqatshelwe ukungena e-USA, u-Omar Artan.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UNONDWEBA waseSomalia, u-Omar Artan, uthi usekwamukele ukuthi ngeke abe yingxenye yomqhudelwano weNdebe yoMhlaba yeFifa eqale ngoLwesine ebusuku eMexico, yize ebezilungiselele ngokweqophelo eliphezulu.
U-Artan kukhulunywa ngaye umhlaba wonke emuva kokuba i-United States of America (USA) imenqabele ukuba angene kuleliya lizwe ukuba ayodlalisa emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba, njengoba ingosokhaya.
Ujikiswe esefikile eMaimi, e-USA, emuva kokuphekwa ngemibuzo amahora awu-11.
Ikhale ngokuthi unomlando wokuhlobana namaphekula.
Lo nondweba owamukelwe ngenhlokomo ngabantu baseSomalia, nezikhulu zikahulumeni efika kwelakubo ngoLwesithathu, uthi usekwamukele ukuthi akazukuba yingxenye yale midlalo.
"Noma kanjani, ngizokuba yingxenye yemidlalo yango-2030. Ngisazoqhubeka nokwenza iSomalia ne-Afrika yonkana iziqhenye ngami.
"Sengikwamukele okwenzekile, futhi ngeke ngikuvumele ukuthi kungithene amandla, ngizofuqa kakhulu kunakuqala," kusho lo nondweba.
Lo nondweba kuthiwa njengoba engeke esaba yingxenye yale midlalo, ulahlekelwe wu-R1,65 million, okuyimali etholwa ngunondweba ngamunye ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano.
Nokho, kuthiwa kunesigwili sakhona eSomalia esivele samgixabeza ngayo yonke le mali. Kuthiwa abanye baqalile bamthumelela imali, ukumduduza.