19 | Ezemidlalo
Friday, 09 October 2026
NGU-ARTHUR Sales.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBALISA ngobunzima abhekane nabo ngesikhathi elimele isikhathi eside umdlali weMamelodi Sundowns, olimale esefomini enhle.
IDowns izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
U-Arthur Sales ongumgadli weDowns, uke wangabonakala isikhathi eside kule kilabhu ngenxa yokulimala. Useluleme, kanti kulindeleke ukuthi abe yingxenye yalo mdlalo.
NGU-ARTHUR Sales (ophakathi) ephahlwe nguMarcelo Allende (okwesobunxele) noBryan Leon.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Lo mdlali uthi ubhekane nesikhathi esinzima njengoba ebelimele.
"Kakumnandi neze ukubukela ozakwenu ulimele, ingekho into ongayenza ukubasiza.
"Uma usalimele, into ohlala uyicabanga wukuthi uzobuya unjani, ngoba kunzima ukubuya ekulimaleni, kukuthatha isikhathi ukubamba ifomu obukade ukuyona.
"Ngijabule ngoba sengibuyile enkundleni, futhi ngikulangazelele ukuzosiza ikilabhu yami njengoba ibhekene nomdlalo omkhulu ngalolu hlobo.
"Ngeke kube wumdlalo olula, kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuwunqoba lo mdlalo.
"Sifuna ukuqeda leli shobolo leminyaka emine singazinqobi izinkomishi ezimfushane zakuleli. Ngikholwa wukuthi lo mdlalo yiwona esizobuya ngawo," kusho uSales.