18 | Ezemidlalo

Friday, 09 October 2026

Image

NGUTAPELO Xoki.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ubonga ukwesekwa yiPirates kukubi

UXoki ushaya ibuya emuva konyaka engabonakali enkundleni ngenxa yengozi yemoto

Senzo Sokhela

UBONGA ukwesekwa yi-Orlando Pirates ngesikhathi ebhekene nobunzima uTapelo Xoki odlala emuva kule kilabhu ezogadulisana neMamelodi Sundowns kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UXoki uke wahlala isizini yonke engadlali emuva kokuba babasengozi yemoto nomqeqeshi weBucs, u-Abdeslam Ouaddou, nabanye abasebenza kule kilabhu. Lo mdlali useluleme ngokugcwele.

"Ngiyayibonga kakhulu ikilabhu ngokungeseka  ngesikhathi ngibhekene nobunzima, ngilimele.

"Ngibonga nethimba lodokotela elikwenze konke ukuze ngilulame kahle, ngiphinde ngidlale. Bangeluleke nangokomqondo ngoba ukuhlala isikhathi esingaphezulu konyaka ulimele, kakuyona into encane.

"Ngijabule ukubuya ngizosiza ikilabhu. Empeleni sifuna ukuqhubeka nokwandisa umlando omuhle wale kilabhu," esho.

Image

NGUXOKI noBohlale Ngwato.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthi bengabadlali, bawulindele lo mdlalo weSundowns.

"Sonke siwulangazelele lo mdlalo, nasejimini uyabona ukuthi sonke sifuna ukuba yingxenye yawo.

"Kodwa-ke okumqoka wukweluleka laba badlali abasebancane ngobumqoka bokunqoba lo mdlalo, ngoba nami ngidodiswe ngimncane ngabadlali abanjengoMbulelo Mabizela noRobyn Johannes.

"Kufanele sikhohlwe ngesikwenze ngonyaka odlule, sibhekane nalo mdlalo ophambi kwethu.

"Kasifikanga lapho esikhona ngephutha, kodwa kumqoka ukuthi sizihloniphe izimbangi zethu, besesidlala ibhola lethu ngokuzethemba.

"Uma senze njalo, ngikholwa wukuthi sizowunqoba lo mdlalo," esho.

0