18 | Ezemidlalo

Friday, 06 February 2026

AbeDowns 'bagqilazwa' yimiqhudelwano eyahlukene

UCardoso uthi kunzima ukubhekana nemidlalo yeCaf, eyeligi neNedbank

Image

NGUMQEQESHI weSundowns uMiguel Cardoso.

Senzo Sokhela

UVUMA eyokuphithanelwa ngamakhanda kwabadlali bakhe uMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ebhekene nomdlalo omqoka weCaf Champions League.

IDowns izoshukana neSt Eloi Lupopo yaseDR Congo kokaGroup C koweChampions League ngeSonto ngo-15h00 eDR Congo. IDowns iya kulo mdlalo nje, idlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup emuva kokuba yehlule iGomora United ngo-2-1 ngoLwesithathu ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Amagoli eDowns ashaywe nguPeter Shalulile noThapelo Morena, kwathi eleGomora labhakuziswa enethini nguWelcome Maoke.

Image

U-PETER Shalulile weDowns nguye ovule inkundla ngegoli, bedla iGomora United ngo-2-1 koweNedbank Cup.

UCardoso uthi umdlalo weGomora umvezele obala ukuthi abadlali bakhe baphithanelwe ngamakhanda njengoba bedlala imiqhudelwano eyehlukene ezinsukwini ezisondelene.

"Ngiyajabula ngoba sidlulele emzuliswaneni olandelayo kodwa okungicacelayo wukuthi abadlali bami baphithanelwe ngamakhanda njengoba sidlala imiqhudelwano eyehlukene ezinsukwini ezithothene. Sakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo kodwa sangawasebenzisa.

"Inkinga enkulu wukuthi uyababona abadlali bami ukuthi bayadlala nje kodwa imiqondo yabo ikulo mdlalo weCaf esibhekene nawo, okufanele siwunqobe. Kunzima kunjalo kodwa sizolwa siye phambili. Ngibathembile abadlali bami ukuthi yonke imidlalo esizobhekana nayo bazokulwela ukuyinqoba," esho.

Image

YISIKIMU seSundowns esiqale umdlalo weGomora United, ebesigcwele abadlali abangasajwayele ukuqala imidlalo kwiDowns.

ISundowns igijima emiqhudelwaneni emithathu njengoba ilwela ukuvikela isicoco seBetway Premiership, ukunqoba okwesibili emlandweni wayo iChampions League nokuqukula iNedbank Cup osekunesikhathi yayigcina.

Uma kungenzeka izishwebe zontathu lezi zinkomishi, izoqeda ingenasicoco okokuqala ngqa eminyakeni engaphezulu kweyishumi.

0