17 | Ezemidlalo
Friday, 15 May 2026
KWESOBUNXELE ngunozinti we-AS FAR Rabat, u-Ahmed Tagnaouti, kanti kwesokudla ngabadlali beDowns.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
USONGELA iMamelodi Sundowns unozinti wezimbangi ezizobhekana nale kilabhu kowamanqamu weCaf Champions League.
IDowns izogadulisana ne-AS FAR Rabat yaseMorocco emlenzeni wokuqala kowamanqamu weCaf Champions League ngeSonto ngo-16h00 eLoftus Stadium, ePitoli.
U-Ahmed Reda Tagnaouti ovimbela iRabat, uthi bayazi njengoba bezazi iSundowns, yingakho bengenalo noluncane uvalo ngayo.
NGU-TAGNAOUTI enza adume ngazo.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi noma kanjani, bazoyiphoxa phambi kwabalandeli bayo, besebeyoshayelela isipikili sokugcina eMorocco.
"Konke kumi ngomumo ngasohlangothini lwethu, sesilindele yona iDowns. Iyiqembu elihle, kodwa sinabadlali abanesipiliyoni, engingangabazi ukuthi bazoyibhekisa phezulu.
"Sizitshele kuqala isizini ukuthi le kilabhu sifuna ukuyenzela into enkulu ngale sizini.
"Yilona thuba-ke leli lokuthi sijabulise abalandeli bethu.
"Sekuphele iminyaka ewu-40 ikilabhu igcine ukudlala kowamanqamu walo mqhudelwano, ngakho-ke lo mdlalo kufanele siwunqobe noma kanjani.
"Ngike ngabhekana nayo iSundowns mina kawu-7 - uma kungekhona kawu-8 - ngakho-ke k
kanginalo noluncane uvalo ngayo," kusho yena.
Umlenze wesibili uzokuba ngomhla-ka 24 kwephezulu eStade Prince Moulay Abdallah, eMorocco.
Uma iSundowns ingehluleka wukunqoba lesi sicoco, izoqeda le sizini ishwiba izandla, kanti-ke izobe isihlulwa kowamanqamu walo mqhudelwano okwesibili kulandelana.