17 | Ezemidlalo
Friday, 09 October 2026
NGUSIYANDA "Skhwishi" Ndlovu weDowns, noYanela Mbuthuma weBucs, okulindeleke ukuba basize amakilabhu abo ngokwehlukana, uma esebhekene kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
Senzo Sokhela
UMLINGISI wemidlalo kamabonakude othandwa ikakhulukazi ngabalandeli besifazane - ozifela ngeMamelodi Sundowns - usongela i-Orlando Pirates ngesicoco seMTN8.
IDowns izobhekana nePirates kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UVuyo Biyela waseMlazi - odume ngokulingisa kwiDurban Gen, yiSibongile & The Dlaminis, yiShaka Ilembe - ukubala nje embalwa - uthi iDowns izodlula ngehubo kulo mdlalo. Utshele leli phephandaba ukuthi iPirates izophuma ikhala enkundleni.
Nokho uthe lutho eLuthela uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, oyisilomo sikamaskandi. Uthe iBucs izoyiqukula okwesihlanu kulandelana le nkomishi.
Lo mculi - ongaconsi kubalandeli bakhe, abadume ngeBlue Nation - uthe ezakhe kufanele ziqaphe ngelokhozi u-Iqraam Rayners noCassius Mailula, abangabagadli beSundowns, ngoba bayingozi.
Uthe: "Ngilindele umdlalo onzima futhi oshubile ngoba womabili amakilabhu afuna ukunqoba. ISundowns siyayihlonipha, kodwa njengeBhakabhaka, kasiyesabi.
"Kufanele singene enkundleni sizimisele, sisebenzise amathuba futhi sigweme amaphutha. Ebholeni konke kuyenzeka, kodwa mina njengeBhakabhaka, ngikholwa wukuthi sizonqoba.
"ISundowns kuzofanele isebenze kanzima ukuze isehlule, ngoba ngeke siyivumele ukuba inqobe kalula.
"Thina sigabe ngoYanela Mbuthuma, u-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa uma bekhona ohlwini lwabadlalayo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, ngigabe ngeqembu lonke. Ukunqoba iSundowns kudinga ukubambisana; kusukela kunozinti kuze kuyofika phambili.
"URayners noMailula uma bedlala, bangabadlali engingathi kufanele sibagadisise. Kodwa ngeke sigxile kubo kuphela; kufanele siqaphe iqembu lonke, sivale izikhala futhi singayiniki iSundowns isikhathi sokudlala ngokukhululeka."
NGUVUYO Biyela (okwesobunxele) noKhuzani Mpungose kwesokudla.
UVuyo uthe uyakitazeka ngendlela iSundowns edlala uswidi webhola ngayo ngaphansi komqeqeshi, uMiguel Cardoso.
Uthe kayisefani nale yoRulani Mokwena obekwaziwa ukuthi umdlalo wayo ngaso sonke isikhathi iwuqala emuva.
UVuyo uthe: "ISundowns kaCardoso idlala izinhlobo ezahlukene zebhola, ongeke uziqonde. Lo mdlalo ngikholwa wukuthi sizowunqoba ezinhlangothini, phambili.
"UMatthews (Tashreeq) noSkhwishi (Siyanda Ndlovu) yibona abaphethe ukhiye wokunqoba lo mdlalo. Thina nje okufanele sikwenze, wukukhiya iPirates esiswini, singayivumeli ukuthi abadlali bayo basenkabeni baphakele abasezinhlangothini, ngoba yila eyingozi khona.
"Uma ubuka imidlalo yePirates, izinhlangothi zayo zombili emuva naphambili, yizona eziyingozi, idla ngazo.
"Uma siyivale esiswini nje ngikholwa wukuthi sizobe siqedile ngayo. Engikucelayo kubalandeli bethu wukuthi babafuqe abafana, bacule kube sengathi bayahlanya ukubafaka umfutho.
"Kulo mdlalo bayasidinga njengabalandeli, futhi kangingabazi ukuthi sizonqoba kulokhu.
"Ngingakusho ngokukhulu ukungesabi ukuthi iPirates izophuma ikhala kulo mdlalo, ingasenayo inkomishi yeMTN8, sekungeyethu."