16 | Ezemidlalo
Friday, 06 February 2026
Senzo Sokhela
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou uthi wukukwazi ukumaka uma ibhola liphethwe yizitha nokuba nomfutho phambi kwamapali osekuphendule uYanela Mbuthuma isethenjwa sakhe njengoba esemqalisa phambili.
IBucs izobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) koweLast 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. U-Ouaddou kulezi zinsuku ukhombisa ukumethemba uMbuthuma njengoba kunguyena asegadla ngaye. Ubeka ngaphandle u-Evidence Makgopa okunguyena umgadli abethembele kuyena phambilini.
NGUYANELA Mbuthuma ejabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli.
Lo mqeqeshi echaza ngesizathu sokugadla ngoMbuthuma, uthe: "Ibhola lamanje selidinga wonke umuntu ukuba alekelele uma kumakwa, kakusafani nakuqala lapho izitobha kuyizona obekwaziwa ukuthi kufanele zibe yizigqila, zihlakaze yonke iminyakazo yezitha.
"UMbuthuma ukhombisa ukuyibamba kahle indlela okufanele sidlale ngayo, uyasimakisa uma ibhola lingekho kithina. Yebo siyadinga ukuba asishayele amagoli kodwa uma ibhola lingekho kithina kufanele aselekelele ngoba wonke amakilabhu manje ibhola aliqala emuva," esho.
NGUYANELA Mbuthuma wePirates emaka uFasika Idumba weChippa United.
Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup ngale mpelasonto iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
EChatsworth Stadium: Durban City vs Chippa United 19h00.
E-Athlone Stadium: Vasco da Gama vs Luthuli Brigades 19h00.
NGOMGQIBELO
E-Olympia Park: Army Rocket vs Casric Stars 15h00.
EGoble Stadium: Cardinals vs Jacksa Spears 15h00.
ENelson Mandela Bay Stadium: Highbury vs Sekhukhune United 15h00.
EMoses Mabhida Stadium: Tshakhuma FC vs Orlando Pirates 15h00.
EMxolisi Dicky Jacobs Stadium: Upington City vs Magesi 15h00.
EKing Zwelithini: Golden Arrows vs Orbit College 18h00.
NGESONTO
EMxolisi Dicky Stadium: Hungry Lions vs TUKS 15h00.
EHarry Gwala Stadium: UMkhambathi vs Lerumo Lions 15h00.
ESolomona Mahlangu: TS Galaxy vs Marumo Gallants 15h00.
EDr Petrus Molemela Stadium: Siwelele vs Richards Bay 18h00.
NGOLWESIBILI
EDobsonville: SSU vs Milford 19h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs AmaZulu FC 19h00.