16 | Ezemidlalo
Friday, 11 September 2026
NGU-DANIEL Msendami weBuxcs evinjwa nguJean Augustin weLa Cure.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
KULINDELEKE i-Orlando Pirates eyehlukile emdlalweni wayo weCaf Champions League njengoba iqale umkhankaso wokulwela ukungena esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano ehlose ukuwunqoba ngale sizini.
IBucs izotholana phezulu neLa Cure Waves yaseMauritius emlenzeni wesibili wesigaba sokuqala sokuhlungela lo mqhudelwano ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.
Emlenzeni wokuqala obungeledlule eMauritius, la makilabhu abambane ngo-0-0.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo mdlalo iBucs idlalise isikimu sayo esizacile kwazise bekubhekwe ukuba izicoboshisele kule kilabhu njengoba abadlali bayo ibhola belidlala ukuqhuba isikhathi, kwazise banemisebenzi abayenzayo ukuziphilisa.
NGUYANELA Mbuthuma egadulisa uJean Colin weLa Cure.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Abalandeli beBucs bazwakalise ukungenami emuva kwalo mdlalo kwazise izitha zabo zivele zayibamba kwancane indawo iPirates.
Balibeke ngesihloko ezinkundleni zokuxhumana elokuthi balindele isikimu esiqinile kulo mdlalo wase-Orlando ngoba kabafuni kubaphinde okwenzeke ngesizini edlule kulo mqhudelwano.
Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs kayenzanga kahle ngesizini edlule njengoba iphume zibekwa kulo mqhudelwano. Ikhishwe yiFC Lupopo yaseDR Congo.
Abalandeli beBucs basanalesi silonda, yingakho befuna kucace zibekwa ukuthi bayokwenzani kulo mqhudelwano.
Nokho u-Abdeslam Ouaddou ololonga iBucs, ukubeke kwacaca ukuthi lo mqhudelwano yiwona oseqhulwini kwabafuna ukuyinqoba ngale sizini.
NGUBANDILE Shandu weDurban City evimba uDestin Mariniho weRukinzo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
* Khonamanjalo, iDurban City izodudulana neRukinzo yaseBurundi emlenzeni wesibili wesigaba sokuqala sokuhlungela iCaf Confederation Cup ngeSonto ngo-15h00 kulo leliya lizwe. Emlenzeni wokuqala obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iCity inqobe ngo-1-0.