15 | Izindaba
Friday, 26 September 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Wenqaba efunwa ucansi yisiqumama ngo-R100000
NGUMDANSI uStufuza
Shayelihle Goduka Mlambi:
Kuyajabulisa ukuzwa ukuthi kusenabantu abangalawulwa wumqondo wokulobizela imali, ikakhulukazi amadoda.
Nonceba Maliwa:
Sihlalaphi isiqumama? Ngibuzela umngani wami.
First Mdu:
Inganekwane.
Zanele MaDlamini KaMamkhwanazi Myeni: :
Manje kungani bengalisho igama lesiqumama?
Sandile Corrector Manda:
Manje sekumele angihlambalaze la emaphepheni? Yimina leso siqumama😭
Terry Yengwa:
Bafazi bhasobhani lezi zilwane abanilalisa nazo, niyeke ukuthanda imali.
Xolani Ndaleka:
Wenza kahle, sasimfunela isithwalo saso, inyoka noma umkhovu.
Buyelwa Boko:
Anibona abantu bokuxelelwa imfihlo nina, yazi.
Zodwa Vezzy Mavundla OkakaMadondo:
Webabo! Nginamsebenzi muni nemali? Kayiyithengi impilo.
Njabulo Maqatha Manzini:
Awu uStufuza wesizwe. Hhayi ngeke, kanti amanye amadoda anjani?
Lulut Costah:
Asazi, sasingekho enqaba, asinabo ubufakazi😎
Sphephelo Spherism Sithole:
Kungcono ngoba nilifihlile igama lesiqumama, ngoba ngabe kukhona asebegijime bayosisendela izinto kuma-inbox.