15 | Izindaba

Friday, 26 September 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Wenqaba efunwa ucansi yisiqumama ngo-R100000

Image

NGUMDANSI uStufuza

01


Shayelihle Goduka Mlambi:

Kuyajabulisa ukuzwa ukuthi kusenabantu abangalawulwa wumqondo wokulobizela imali, ikakhulukazi amadoda.

02


Nonceba Maliwa:

Sihlalaphi isiqumama? Ngibuzela umngani wami.

03


First Mdu:

Inganekwane.

04


Zanele MaDlamini KaMamkhwanazi Myeni: :

Manje kungani bengalisho igama lesiqumama?

05


Sandile Corrector Manda:

Manje sekumele angihlambalaze la emaphepheni? Yimina leso siqumama😭

06


Terry Yengwa:

Bafazi bhasobhani lezi zilwane abanilalisa nazo, niyeke ukuthanda imali.

07


Xolani Ndaleka:

Wenza kahle, sasimfunela isithwalo saso, inyoka noma umkhovu.

08


Buyelwa Boko:

Anibona abantu bokuxelelwa imfihlo nina, yazi.

09


Zodwa Vezzy Mavundla OkakaMadondo:

Webabo! Nginamsebenzi muni nemali? Kayiyithengi impilo.

10


Njabulo Maqatha Manzini:

Awu uStufuza wesizwe. Hhayi ngeke, kanti amanye amadoda anjani?

11


Lulut Costah:

Asazi, sasingekho enqaba, asinabo ubufakazi😎

12


Sphephelo Spherism Sithole:

Kungcono ngoba nilifihlile igama lesiqumama, ngoba ngabe kukhona asebegijime bayosisendela izinto kuma-inbox.


0