15 | Izindaba
Friday, 27 February 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Waliwe eselungiselela umshado olobole ngo-R68 000:
Doris Mathoyi Sibiya:
Manje ngokomthetho omusha, sebeshadile in community of property. Manje lo dade is entitled to 50 percent wefa lalo mlisa. Kumele amnike?
Kuthiwani lapho?
Gugu Mamondise S'thole:
Amandla endoda kawapheli. Bengamele akulande noma ngabe kwenzakaleni.
Sbu Ntombela:
Uthenga ingulube isesakeni.
Skhey Skhumba:
Mina ngifuna mhla ngilobola, ngingaloboli ngemali, ngingaze ngifice sebeyidlile.
Ngifuna ukulobola ngezinkomo ezihamba ngamasondo ukuze uma sengizilanda, ngifike ngizikhombe esibayeni ngiziqhube, ngibheke ekhaya.
Singadlala imigulukudu yabantu besifazane phela.
Velani Mbambo:
Ubevele ethandana nesigebengu.😏
Mzwandile Lungani Lembede:
Ivele idliwe umfana wePolo ne-KFC
Siyabonga Patrick Ndaba:
Alibuye ilobolo, omalume balidlulise komunye o-serious.
Amanda Mkhize:
Nkosi yami kulandelwani?
Snathos Manatha:
U-R30 000 u-ryt. Kungamane kuthiwe uyakolota umkhwenyana.
Musa Mcusi:
Uze ukulande nje, kuqale kuphi? Uze ulande okwakho, ukhale ngamalobolo nemikhehlo, sekusemaphepheni singazanga usakwenza, bese kwenzenjani?
Thamie Magubane:
Umshado yi-scam sangempela-ke manje.
Sifiswesihle Gamndane Ka Madlanduna:
Hhayibo! Yini inkinga. Umthole selilodwa yini iso?
Jabu Magwaza:
Asabiza kanje amatshitshi, 68k? 🤔🤔
Magcina Thandanani:
Ayingenwa eyababili. Bayazi bona esingakwazi. Imali ayiluthengi uthando.
Mzovukayo Mthimkhulu:
Vele ubegula naye. Ungaphilisa ihhashi ongaligibeli? Ubecabangani?
Nabaqashiwe bayahola!
Mlungisi Khoza:
Uyalayeka, angithi uxakwe yimali eningi?
Mdladlah BM:
Wenze kahle ucc wamlahla. Ungalobola ngemali engaka ngoba kwenzenjani?
Sifiso Zulu:
Umuntu osalobola, mina uvele angihlekise nje.
Diya Bejula:
Izinyanya ziyamthanda lo mfo, zibone le mali engaka adlala ngayo, zathi never and ever.
Mpumeh Lelow Cele:
Bese kwenzenjani manje kumakoti?
Mbokane Gama Dluli Maphalala:
Ukube wathenga iveni noma itekisi into ezofaka imali, hhayi lokhu okuzokhipha imali.
Zinto Nxele:
Zinsizwa, yekani ukulobola, le nto iphelelwe yisikhathi, ningadlali ngemali yenu.
Boh KamaMhlongo Shange:
Kanti nina bosisi bami nisuke nivumelani ukulotsholwa uma ningathandi or ningamthandi lo muntu olobolayo?
Baba Ka Fabian Zulu:
Ulayekile loyo. Uzenzile akakhalelwa. Akekho ongazi ukuthi bazikemu laba bantu.
Mĕńżi J Ølìphant:
Ngingathenga indawo, nemoto.
Buyani Cele:
Engabe ngingamthola kanjani lo bhuti bafethu. Ukubulala umuntu wukuzidalela izinkinga nje. Akuyona i-solution.
Nami ngibuya kulolo daba.
Siyabonga Sizwe Khumalo:
Ubelunywa yimali. Ilobolo kalibuyeli emuva KwaZulu. Uqaqekile ekhanda.
Ezinsukwini zanamhlanje, ukhona umuntu osalobola.
Uma ngabe udidwe yisithebe esigezwe ngeziwasho, ususanga-na uze uthenge nabazali?
Eyi ngoba abanye abafana kudlaliwe ngabo.
S'bongile L Mndaweni:
Mmmm waze wayinja umuntu wesifazane! Why exhaphaza umuntu kanje?
Kwakumele asho kwasekuqaleni if engazimisele ngomshado.
Sibulawa sekunjena, ngoba abanye abantu besifazane benza izinto bezicabangela bona bodwa.
Nxaaah uyinja yomfazi. Kungenzeka ukuthi thina sicaba-nga ngokwethu, kanti kunqabe idlozi. Mhlambe libonile ukithi lona akafanele nje ukuzogcinela emagcekeni alayikhaya.
Zakhele Nyuswa:
Unedlozi elihle. Libonile ukuthi usazolahlekelwa ngokuningi uma eqhubeka.
Nkosikhona Sithole:
Kwangenza last year.
Ngavele ngabapha konke nezinkomo. Kumanje ngiyalobola again omunye.
Mlungisi Khoza:
Uyalayeka. Akazi ukuthi akumele ulobole uqede, kumele uphonse 6 wezinkomo bese nje uyathula iminyaka, umbhekisise lo muntu wakho ukuthi uyisima kanjani.
Kudlakwezinja Donda:
Nami kwake kwangenza ngo-2015.
IntombikaNongoloza Gumbi KaMdakane:
Abanye abantu bayaganga emhlabeni! Shweleee. Ukukhohlakala! Wayevumeleni esebukisa ngomunye kanjena?
Mancinza Nondaba:
Yingakho isiZulu sangapha ngakithi sithi, wozidla uzibeke amathambo.
Andiswa Kheswa:
Nawo la makhehla ayathanda ukugugela ezinganeni ezincane. Ubebashiye nobani ontanga yakhe, nomama bezingane zakhe?
Busani Mthembu:
Amabhadi lawa.