15 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Uqhekeko emndenini 'ngomamsamo obulale abane'. Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook:
Indida ngabantu ababulawe wumamsamo.
Nicholas Mvuyana KaMthimkhulu:
 UNGANGIKHUMBUZI ngalowo mamsamu. Ngakithi isihlobo safaka inyongo yengwenya, bonke abawuphuza babeziginqikela. Eyi ngoba abantu banezinhliziyo ezimbi.
Zanie MakaNtsikie Zncume:
UYABONA kodwa indaba yomamsamo. Utshwala obunemithetho kanje. Ungathola ukuthi yisihlobo nje esifike safaka into ngoba phela akuyi nanoma ngubani emsamo.
Cerdes December:
BEKUFAKWE ushevu lapho.
Simphiwe Shumi Mchunu:
MINA ngimangazwa yilesi sitori esisekhasini 4.
Mcusi Mafuya:
Lokhu kuphuza omamsamu utholukuthi kawusiye nowakhona. Othi ithonga kalikho udlala ngesikhathi sakhe.
Bonginkosi Dlamini:
EWU madoda. Kwaze kwakubi lokho. Ngenxa yokhamba nje. 😒
Rubs Ruu:
KOMELE buhlolwe lobo tshwala ukuthi kawukho yini ushevu.
Nomusa Buthelezi:
UBHUTI wami uthi yena wawuphuza umamsamo ewuntshontsha. Uthi kazimsha-yanga kanje izalukazi ephusheni. Ngiwesaba kabi mina nkosi yami.
Ebuhleni Home Member:
NGUBANI lo odlise umndeni? Banezinhliziyo ezimbi abantu.
Zothani Zondi:
UMAMSAMO madoda.