15 | Izindaba
Friday, 19 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Bazogcwala izitaladi futhi odokotela abangaqashiwe KwaZulu-Natal, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Khulani Lusaka:
Kuqashwa abokufika kuyekwe abaseSouth Afrika. Khohlwani, uma kuseyilo hulumeni ngoba usebenzela ongxiwankulu. Yingakho ubona bethule, ezabo izidingo zi-right. Inkinga inomuntu omnyama. Mawuphume manje lo hulumeni waseStellenbosch.
Mesuli Zulu:
Into ebuhlungu wukuthi kugcwele abantu bokufika ezibhedlela zikahulumeni, bayasebenza. Kumele bachazele iSouth Afrika ukuthi baqashwa kanjani abokufika over amaSouth Africans.
Primrose Mpangase:
Angithi baqasha kakhulu abokufika? Nakuma-nurse kunenkinga efanayo.
Sindy Morrison:
Lapho eSt Mary's Hospital njalo ngoSaturday, kuthiwa udokotela uyedwa. 😥 Uhlala usuku lonke, kodwa kunabantu abangasebenzi. 😥😥😥
Ntungwa LamaNtungwa:
Kodwa ngeke ubabone odokotela bangaphandle benza kanje, ufika la esezazi ukuthi uyosebenza kuphi, futhi kuqalwa ngabo ukuqasha.
Busisiwe Mkhize:
Kulokhu kuthiwa kushoda odokotela kudlalwa ngathi, nazi izingane zabantu zakufundela, qashani zona.
Mtha Slubane:
Ungqongqoshe makaxoshe odokotela bokufika, aqashe abaseMzansi.
Khanyie Bhelekazi Ntuli:
Ukube beningama-foreigner, benizoqashwa. Uhulumeni waseSouth Afrika ubeka abantu bokuhamba phambili.
Mrango Mdz:
Abantu bakithi ngeke basebenze ngoba kuqashwa abokufika, bese kuthiwa singamavila, kasifuni ukusebenza.
Ntombikayiseh Motaung:
Ngempela kwenzekani? Abaqashwa ngani odokotela?
Nhlaka Shibe:
Niqale ngabalana eSouth Afrika bagcine abantu bokufika. Kuyezwakala lapho, ngoba siyeza lapho?
Mzakes Nyanganduna:
Makuphume odokotela bangangaphandle.
Mzukulu KaMkhulu NoGogo:
ESouth Afrika into ehamba kahle yigazi kuphela. 🥱
Mnikazi Ndlovu:
Mabaqhashwe bo, ngoba bafunde kanzima.
Nothemba Mtimkulu:
Akasule ngempela uNomagugu esikhundleni, siyamehlula isihlalo. Wagcina nini ukuzwa kuqashwa la ePMB kwaHealth?
Kunalokho bayagwazisa futhi.
Mfazonempandla Gcwensa:
Baqinisile, makaphume kulesi sikhundla siyamehlula.
Mzansi PULSE:
Yingoba sebeqasha odokotela bangaphandle & i-most yabo basesebenzisa ama-fake qualifications.
Baba Ka Kat:
Eyi kubuhlungu esikubonayo!