15 | Izindaba

Friday, 12 JuneΒ  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Ulume ephephetha uRamaphosa ngabokufika, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

NGUMENGAMELI wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa.Β 

01

Mcooh Mcooh:

Ivaka lendoda lesaba ukukhipha izwi elilodwa, lokuthi abahambe.

02

Manembe Manembe:

Akakufanele ukubaΒ yi-president.

03

Skhumbuzo M'fesi Ngema:

Ngolokhu ngishilo ukuthi asinamengameli sizihlalele nje. 😣😏

04

Njabulo Mavundla:

Ngubani uRamaphosa?
Ngoba eKZN sesino-president othi thina, uPhakelumthakathi.

05

Musawenkosi Ntuli:

Yinkinga ngoba baneminyaka belapha abokufika. Okuxakayo wukuthi uNgizwe ubethule esasebenza oKhozini. Ngoba sewaxoshwa, useyabaxosha. Kusho ukuthi naye bamthathela umsebenzi oKhozini.

06

Aphelele Ngcobo:

Inkinga yakhe ucabangela amabhizinisi akhe akwamanye amazwe, akacabangeli isizwe. Kunjena-keΒ ukuphathwa ngusomabhizinisi.

07

Muzi Mzee:

Uthe, "asinifuni, kodwa siyanifuna, balinge banihluphe laba banifune amaphepha, sizozenzela thina. Siyazi ukuth ama-ID eninawo awomshosha phansi, leyo nto leyo idalwe yithina, kodwa-ke ningakhathazeki".

08

Sipho Makhanya:

ILANGA ngilithandela iqiniso nje. πŸ€—πŸ˜‚

09

Lucky Sithebe:

Ucabanga ukuthi lena yinto abantu abazovele bakhohlwe yiyona njengasemihleni?

10

Mthokozisi Mashobane:

Kumfanele ukuluma ephephetha ngoba naye uyimbuka, futhi uyazi ukuthi uvelaphi, eze afike la kwelengabadi. Manje uxakwa wukuthi uzothini kobhululu bakhe, naye azi ukuthi ufihleni.

11

Xoli Zulu:

Kanti benilindele ini? Ngiyazibuzela nje.

12

Sabelo Leon Slm:

πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚. Uvikela Abangakubo. 😜😜😜

13

Induna Yezinsizwa:

Asihlehli 30 June door to door, abahambe.

14

Alex Van Der Walt:

Ngeke ngithuke uma ngivuka sekuphethe isosha.

15

Nothando Tha:

Hheyi uyalazi igundane? Kodwa kufanele, kuyacaca bha manje ukuthi vele akasiyena owala naye, umi nama-foreigner angakubo.

16

Msizi Dube:

Thina asinendaba ne-speech sakhe, okusalayo siwumphakathi izwe siyazilungisela, asitshelwa muntu since saziqalela.
Β  Β 
Sibahloniphile basidelela, abafokofe nje asijiki.Β 

17

Sibiya Sotobe:

Ababoni laba ukuthi sicikekile.

18

Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:

Bekumele enze njani?
Waze wanebhadi uRamaphosa. Since wathatha izintambo akakaze nje anethezeke, antsho- ntsheΒ imali njengabanye aseba- phuma kulesi sikhundla.

19

Khulekani Inkosiyamashende Mjoli:

Shuthi uyayivubela impi, uyayivubelaaaaa.

20

Mzonjani Kua Ngwane:

Nimtshele ukuthi asidlali, "Elethu izwe".

21

Nonhlanhla Shezi:

Akaphume naye limhlulile izwe.

22

Sifiso Zulu:

Ucabanga ukuthi siyahlanya lo.

23

Ntshebe Funda Langa:

Uvele wankanta nje.

24

Mamkhulu Makhathide:

Sesi-rite kakhulu ngabo.

0