15 | Izindaba

Friday, 17  April  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Kuningi ukudideka ngokungeniswa kwabantu abadala ekhaya. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook.

Image

01


Mokete Sikhosana:

Ukungenisa abadala kuya ngendlela yalowo muzi. Kawutshelwa ngumuntu wakwesinye isibongo ukuthi ubafaka kanjani, futhi kawubafakelwa ngumuntu ongeyena owakini. 

02


Nokuthula Mandlovu Gatsheni:

Izidalwa zakho uma zizikhulumela, uyalalela, ulandele ezikutshela khona.

03


Lizzy Msibi:

Uma ungahambisani nento umuntu ayikhulumayo, uhlushwa yini?

Yini nilokhu nikhuluma kabi ngomuntu, yingoba engakhulumi ngamadliso?

Yiyona nto phela eniyibongelayo leyo. Nezichitho nizithanda kabi.

04


SA Mponza:

Bafowethu, uma ungakaze uhlangane nenkinga yomsamo, vele ukhuluma noma yikanjani.

05


Nontokozo Veronica Zulu:

Ngiyabonga kakhulu baba Mkhize. Ulwazi osicobelela ngalo siyafunda imihla namalanga ngoba kasazi. 🙏🙏🙏

06


Dion Bandezi:

Umuntu nomuntu unendlela enza ngayo izinto zakhe. Uma ngithatha le ndlela asho ngayo uVVO, kusho ukuthi nami  sengingowakwaMkhize.

07


Khoza TK:

Le nto yokungeniswa kwamadlozi idinga abantu bakulowo muzi, not wakomunye umuzi.
Nodumo Vumezitha Sdinani: Siyabonga Kakhulu Baba

08


Vuyokazi Mbewana:

Siyabonga Tata uMkhize. Thina sakhula ngamasiko, futhi sofa siwalandela. Bayeke abagxeki bagxeke, vele ngeke sikuthande sonke.

09


Asanda Gqiba: 

Siyabonga baba Mkhize ngezimfundiso zakho.

10


Viva Schotho Mahlobo:

Azoze angeniswe nje lawo madlozi, kade ehambeleni kwasekuqaleni uma esathanda ukuhlala layikhaya?

11


Ihlabangane Elimhlophe Intshinga:

Ubangenise, kuthiwe lo owayebafaka akenzanga kahle. Wumsebenzi ongapheli lo. 
Ufana nalokhu kokuthiwa wazalwa wembethe.

12


Nikiwe Zulu:

Kukholwa labo abakholelwayo kulokho, futhi okubasizayo. Siyabuka nje, kasisho lutho.

13


Anathi Ow Jnr Sweet:

Indaba yamasiko ufunda uze ufe ngoba inzima, and ngiyayihlonipha.  Siyabonga. Masincele ulwazi, sihlanganise nesikwaziyo.

14


Hlengiwe Nzuza:

Mina ngafakelwa ngomunye umama, wangenzela into enhle, baphuma enganeni, babonga.

15


Khanyiieeh MaMvelaserh:

Baba siyabonga ngolwazi ngoba sigcina senza ngendlela ekungeyiyo ngenxa yokuzwa ngabantu.

16


Bongi Mthethwa:

Umuzi nomuzi unendlela yawo bakithi. Kasikwazi ukwenza izinto zemisamo ngendlela eyodwa.

17


Simphiwe Shumi Mchunu:

Kazi yena uyakwazi yini ukungenisa abantu abangasekho? 🤔🤔🤔
Noma ufuna siqashe yena njengoba eseseluleka nje?

18


Mayosi Madonsela:

NingamaZulu  yini ningasazi isiZulu?

19


Luvuyo Vuyo:

Akakhulume nozalo lwakhe, hhayi thina sonke. 

20


Mbuyiseni Cele:

Ngesikhathi ngifaka abadala ekhaya, bayofika nini kuNkulunkulu?
Mina ngifisa ukubafaka ezulwini?


0