15 | Izindaba
Friday, 02 October 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Kumiswe ufata ongenele esobukhansela kwiMK Party:
Simphiwe Mlaba Ka MaShabangu:
Angiliboni icala mina, futhi ngiyacabanga ukuthi angawuhola kahle umphakathi ngokukholwa.
Cboniso Mbambo:
Kungenzeka ukuthi isenzo siphambene nomthetho webandla lakhe nezifungo azenza.
Mbeje Sphamandla:
Wayekhona nje owayeyimeya yaseTshwane, uFata Smangaliso Mkhatshwa.
Thesh Lulu:
Mina angiyiboni inkinga ngoba ipolitiki yaqala esontweni.
Wonke umuntu wayecashe esontweni eRiginah Mondi, eSoweto, ngesikhathi belwa nobandlululo. Mina ngiyilungu lebandla ngithi mabamyeke ufata.
Nomvula Mdladla:
Ibandla lamakhatholika linobuhlakani kakhulu kabi, yinto okwahlalwa phansi yacutshu- ngulwa le, kwabonakala ukuthi ngeke ilunge.
Thamsanqa J Gumede:
Iyaxaka le nto eyenziwe yibandla lamaRoma. Ufata akanacala futhi simi naye. Uma lizocwasa ngokwezepolitiki ibandla, sizolibuka ngenye indlela. Bafunani pho abefundisi ePhalamende uma kungafanele babe ngamakhansela?
Nkosie Nsumo:
Lachitheka iphalishi, akamazi uZuma 🤣🤣 akobuza oJohn Hlophe.
Hlekwayo Thulani:
Ufata ukhethwe yibo nje abantu akhonza nabo!
OThandwayo Green:
Umiselweni ufata ngoba naye ungumuntu waseSouth Africa
ovotayo, futhi onelungelo?
Siyabonga Comfort:
Liyamholela yini ibandla?
Scelo Xaba:
AWU bakithi! 💔
Bongani Innocent Chala:
Hhayi waze wazimoshela ufata. 🤣🤣
Victor Khambule:
Inkinga singamaqembu ehlukene. Ngeke asihole ngendlela efanayo.
Gidagida Ntsele:
Kanti sekwabanjani emaRomeni? 🤣🤣
Thembekile Jokazi:
Benze kahle bamumisa. Uzozenza nini izinto zePherishi yakhe ngoba le nto yepolitiki ifuna isikhathi. Akeneli yini yena ngoba amakholwa ayamnika imali? Uyasihlaza.
Mdu Sibusiso Wosiyane:
Umiswe ngoba engamele iqembu elithile, ngoba nabanye bazolungenela ukhetho. Inkinga nje wukuthi akaphumi kwagogo.
Tom Thino:
Umiselwani? Kanti ukuba yikhansela kuyisono yini? Anive nihlulelana inkosi impela.
Melusi Khawula:
UmBhishopi uDube yena?
Sifiso Zulu:
Impela makakhethe okukodwa.