15 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Kukhuthazwa iTLB ukuyodlala e-Europe, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Ntshebe Funda Langa:
SENIFUNA ukumphuphisa ngomphamephuce.

02


Lindokuhle Thandukwazi Gawozi:

UNGAFA ngeke aze alunge khona. Akudlalwa nezingane e-Europe. πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ€ž

03


Zamani Thithizaphi Ndlovu:

KUNGALOKHU kulindwa team thizeni la. Hlangana Zulu avele ahanjiswe kwiReal Madrid umfana, ayodlala ngenkani.✊

04


Thulani Ngizo Ngubane:

KANTI yini le ese-Europe engekho eMzansi?
Ake niyeke ingane idlale ngokukhululeka.

05


Sosibo SN:

KUNGANI abantu abamnyama behlale befuna singabuki abadlali bethu abangcono kwiLeague yethu?
Konke okwethu okuhle nikuyisa kubelungu?

06


Khethiwe Pearl:

MANJE bathi sisale nobani? Usemncane moss lo muntu. usengaya noma eno-21.

07


Bafana Erick:

WENZANI le engenziwa ngabanye abadlali?

08


Goodman Ndaba:

MAKAYE kodwa uma kuphela eya kumaligi amakhulu e-EnglandΒ 
neSpain.

09


Mcineka Siphesihle Sakhile:

ABAFUNI ukusibona sijabule. Bafuna ihambe iTLB ukuze sisale sishawa yiKaizer Chiefs?

10


Jijimbane Msalazabiwa:

WEEE kuphi khona?
Akobuza kuMofokeng ukuthi kuthiwani uma usucela indlela. 😊

11


Sanele Ngcobo:

BAYANQENA yini ukuya bona phesheya laba abafuna kuye iTLB?

12


Tha Dladla:

ANGAYA ngoba efuna imali eningi but usendaweni e-right kwiPirates!

13


Qhubekani Kunene:

AKE kukhuthazwe oYamal basuke eSpain nabo. πŸ™„
Lo mfana ayikho into angashoda ngayo edlala khona la, likuphi iphutha ngokudlala la?

14


Sthunzie Mfumbathi:


BATHI sisale nobani thina?
Bafuna sisale sishawe yiKaizer Chips. πŸ₯ΊπŸ₯ΊπŸ™„

0