15 | Izindaba
Friday, 13 March 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Kuchithwe izicelo zothisha abafuna ukusheshe bathathe impesheni beneminyaka esuka ku-55 kuya ku-59. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUNOBHALA weSouth African Democratic Teachers Union
(Sadtu), KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza.
Mvelo Mthembu:
Ayikho imali, uhulumeni kawunamali, bayeba.
Dumsile Mthiyane:
Bazohlalelani ngoba uGEPF uyayidla imali yabo? Mina nje eyami eyanyamalala wu-R200k.
Sbongiseni Meyiwa:
Bayabasiza. Bafuna ukuyoyidla namaZayi Zayi. Bese beyakhala, bathi baqoliwe.
Thokozani Nkosi:
Zafa izingane zethu! Sezizofundiswa wothisha abangasafuni nokufundisa, yoooh.
Nokuthula Nih Hlongwa Sosibo:
Uyabona thina esesineminyakana sikwabasi, siyobonga siyitholile impesheni yethu.
Thobile Manqele:
Manje bafuna umuntu asebenze ngisho engasafuni?
Bengizovele ngi-absconde. Kumnandi yini ukusebenza ungasathandi?
Polo Fuze:
Ngeke siphinde siqashwe thina.
Mimie KaMandlovu Zikhali:
Bayasigulela! Siyahamba thina at 55. Bacabanga ukuthi sifana nabo njengoba begugela ePhalamende.
Tautona Ndumiso Ndaleka KaNgqengelele:
Izingane zabantu zihleli emakhaya kodwa zenze i-teaching.
Lindani Mzukwase:
Le nto yothisha kumele ingenelwe ngisho wuNgizwe Mchunu. Bazofa yi-stress laba bantu.
Pinky Ngcobo:
Kunenqwaba yezingane ezifundele i-teaching, ezingawutholi umsebenzi. Mabayekwe bayophumula, kunikwe izingane ithuba.
Nomali MaShangase Shabane:
Abantu abazolimala yizingane ngoba ave ivilapha leyo genge ekule minyaka.
Mdokwe Sifiso:
Soyicela ivuthiwe njengoba kumnyana ebusweni benkawu.
Vusi Mahlobo Ntombela:
Angiyena uthisha, kodwa kufanele bavunyelwe othisha ukuthatha umhlalaphansi ku-55 years, ngoba lo msebenzi uphathisana ngekhanda.
Ufuna umqondo uhlale uxukuze-ka ekubeni nohlelo lwe-compensation while uthisha esebenza, alukho njenge-free medical aid, car allowance nokunye.
Akakwazi uthisha ukugibela i-taxi Monday to Sunday, enza ama- extra classes mahhala.
Nani bothisha sengathi niyesaba ukufuna i-pension early, nisebenzise imfundo, ngoba abaholi benu ePhalamende niyabedlula ngemfundo.
Nontuthuko Mathuthu Mngadi:
Ngobani? 🤦🤦🤦
Mina sengikhathele kuyimanje. 🤦🤦🤦🤦🤦
Thanduxolo Shange:
I-KZN iphethwe ngabanye abantu abangasifuni.
Zinhle Manqele:
Yingakho bengasazifundisi izingane ngendlela efanele.
Muzi Ngcuks:
Bahlanyela othisha.
Kwavalwa induku ezikoleni njengoba befundisa amahlongandlebe angezwa.
Lezi zinto zehlula oyise nonina emakhaya. Uthisha uyini-ke?