15 | Izindaba
Friday, 11 September 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
INdlulamithi ikhala ngokuxhashazwa wuhulumeni, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
YISILO uMisuzulu kaZwelithini, othi uhulumeni umvalela ngaphandle.
Thokozani Erick Jozana:
Osopolitiki abasifuni iSilo. Ukuba kuya ngokwabo ngabe asisekho, kubuse bona bodwa.
Nqobile Zondi:
Naso iSilo saziba isizwe saso uma sikhala ngabokufika. Kunokuseseka isizwe, sasigxeka, saqeda sayohlangana nabase- Zimbabwe, ngalena kokuzifaka ezicathulweni zabakhalayo.
Bongani Mgwaba:
Asifunde ukuphatha kahle oNdlunkulu baso kuqala, andukuba sifune ukuya koku-too serious.
Roxane Phillips:
Ngathi naso iSilo sesifuna ukulawula uhulumeni nje. Kanti asinaso yini isabelomali saso? Kanti siyenzani imali njengoba sesikhala ngokuthi asinayo imoto?
Mluleki Mbele:
Unjalo-ke, kade esiziba nathi simtshela ukuthi asisabafuni laba bantu bokufika.
Yandiswa Ntleko Kweyama:
Sithe abantu basemazweni uma beza eKZN, basuke befuna ukubona sona. 🙆😭
Njomane Sandile Mhlongo:
Mhlawumbe uyadinga oNgangezwe Lakhe ukuthola uthisha ozomfundisa ukuthi ukuphi umehluko phakathi kwesihlalo sakhe nohulumeni. Angagcini esethatha inqubo kaHulumeni waseSwazini nobukhosi baseSwazini abuqhathanise nobakuleli, ngoba inqubo namandla akufani.
Niche Spices Herbs:
Ngenhlonipho nesizotha... isizwe siyasithanda iSilo, naso iSilo masibonise uthando esizweni.
Dumisani Mbambo:
Hawu! Angithi babuye bakhale nje, bethi uhulumeni ugxambukela kakhulu ezindabeni zeSilo?
Kamashobane Kamashobane:
Sebemncisha itiye yini uBayede?
Wiseman Ngema:
ISilo siphethe amakhosi, hhayi uhulumeni.