15 | Izindaba
Friday, 16 October 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Iphoyisa lidubule umkalo kubangwa isondlo, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUNKK Nomfundo Nzimande okuthiwa udutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe oyiphoyisa.
Victor Madoda Dladla:
Kuyoba buhlungu uma isondlo bekuzoba ngesezingane, ngoba kazisenaye umuntu eziyokhalela kuyena, unina ushonile, uyise uyabhantinta.
Nayo-ke le nto yokuthi umuntu ongasamthandi, kodwa imali yesondlo eqhamuka kuyena uyayifuna, inzima.
Zola MaDlangamandla Mtolo:
Amadoda kawafuni ngempela ukondla.
Nj Ndlangamandla:
Kuyenzeka umuntu athi ingane ngekalona, kanti akusiye eyakhe, ngokubona isimo sempilo yalowo muntu.
Amadoda kawasathembi, emuva kwesikhathi usuyathola ukuthi ingathi bekungekasikhotheni, wayefuna yondleke nje.
Masuku Nhlane:
Ngilunge nginje ngingayihubhi inja uma ingafuni ukondla.
YCat YCat:
Umsebenzi waphela kanjalo.😠Abanye abantu emakhanda kubolile.
Ntomby Shezi:
Zondleleni izingane bafazi, thina kasihlulwa yilutho. Niyiyeke le mikhovu yamadoda.
Siphokazi Pintshane:
Angisoze mina ngondlise umuntu ngenkani. Umntwana uyakhula noma engondliwanga nguyise.
Phumeh Ntuli Emkhonjeni:
Eyy mina ngeke ngiyenze nje lento yokufaka umuntu i-maintenance ngoba vele usuke uzifunela ukufa vele.
S.A Beauty's:
Mhlambe wondliswa ivezandlebe nje, naye uyazi.
Princess Jah Lacee KaShenge:
Eeeeey uzothola ukuthi bebemcindezela nkosi yami, uthole ukuthi kusebenza yena yedwa. Eeeey asazi ngempela.
Zandile Chiya:
Uyakhula umuntu noma engondliwa, sakhula nathi.
Sboniso Nzimande:
 Ayikho into e-wrong ngokondla izingane zakho. Inkinga iqala uma owesifazane esekufuna imali ephindwe kabili kulena ebenenza ngayo i-grosser nisendawonye, jst bcs ethi uyakulaya
Zinhle Mtshali Zinhle:
Yeyi awafuni ukondla amadoda! Amanye abulala izingane lezi asuke efakela zona isondlo, ungazi awuyiyeki ngani inja uma ingondli ngoba hleze yakhula without isondlo sikayise.
Dudu Zuma:
Abantu kabazi ukuthi kunzima ukuba nezingane ezingondliwa nguyise, umbona esebenza, engatohozi. Impilo iyabiza, mhlawumbe nezingane zifunda kulezi zikole ezidinga imali.
Joyce Mhlongo:
Uma engafuni ukondla pho umbulalelani? Ubengayeka ukufaka imali, unina wengane azikhulisele ingane yakhe. Ayikho into ehlula imbokodo.
Forward Mbatha Emshukansizwah:
 Amaphoyisa anequnga elibi.
Rachel Mthembu:
Abafuni ukondla izingane zabo, kodwa bondla ezamanye amadoda.
Nomkhsi Ngxabi:
Yiphoyisa lelo noma bekuyiphara? Ubengamyeki ngani umfazi ngoba ubezobona ukuthi uzozondla kanjani izingane.